A.1 Lezi ziqondiso zizobizwa ngokuthi yiziQondiso zeziSebenzi zikaHulumeni zika- 2001 futhi zizoqala ukusebenza kusukela ngomhla ka-1 Januwari 2001, ngaphandle kweziqondiso III B.2 (b) no III F(b) zeSahluko-1, zona eziyoqala ukusebenza ngosuku oluyomiswa nguNgqongqoshe ngokwesaziso kuMqulu.
B.1 Lezi ziQondiso ziyofundwa ngokuhlanganyela noMthetho.
c I-"Core" yisifinyezo seKhodi Yemiholo, njengoba ichaziwe esiqondisweni III 1.3 kuya ku-1.
r I-"SMS" isho izisebenzi abakhonjwe esiqondisweni- l B.
v "Iziqondiso zeziMali" kusho iziQondiso zeziMali ezashicilelwa eSazisweni sikaHulumeni uNombolo R.556 ka- 31 Meyi 2000 njengokuchibiyelwa ngazikhathi nezenziwa ngaphansi kwesigaba -76 soMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni; kanye nanoma yiliphi elinye igama liyobe liqonde lokho okushiwo eMthethweni.
ISigaba -41 soMthetho siyazigunyanzisa lezi ziQondiso.
a kubobonke abantu abaqashiwe kanye nakuzozonke izikhungo eziphethwe ngokulandela uMthetho; futhi b ngokuhambisana nemiyalelo yoMthetho, kubantu abaqashwe eziNkonzweni, kwi-ejensi noma ezikhungweni zemfundo zombuso, kodwa kuphela lapho zingashayisani nemithetho elawula ukuqashwa kwabo.
E.1 Iziqondiso zeNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni zika-1999 (ezashicilelwa eSazisweni sikaHulumeni uNombolo R.679 ka -1 Julayi- 1999), kuhlanganisa nazozonke izichibiyelo ezenziwa kanye nazo zonke iziqondiso ezenziwa futhi ezisebenza ngokoMthetho, ziyesulwa.
E.2 Noma ngabe yini eyenziwa ngaphansi kweziQondiso zeNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni zika-1999 nengenziwa ngokwesimiselo salezi ziQondiso, kuyothathwa ngokuthi kwenziwe ngokwaleso simiselo.
E.3 Nakuba kwesulwa iziQondiso zeNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni zika-1999 ngokwesiqondiso- l E.1, izinhlelo zesikhashana zizomiselwa esiJobelelweni- 1.
UMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi kanye nezivumelwano ezihlanganyelwe yiko okuzolawula izindaba ezithinta izinhlangothi zombili phakathi kweziSebenzi kanye noMbuso njengomqashi.
Uma kwenzeka kuba nezimo ezivumela ukuphuma ezimiselweni nemigomo yesiqondiso esithile kulezi ziQondiso mayelana neziga zokusebenza ezisebenzini zikaHulumeni, uNgqongqoshe angazenza izinqumo, akhiphe imiyalelo noma avume izimiso ezinye ngaphansi kwezimo ezibekiwe futhi kusetshenziswe lokho.
a xhumana naye ngokwedlula kuMqondisi-Jikelele: iNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha; futhi b abhale nganoma yiluphi ulimi olusemthethweni lezi ziQondiso olushicilelwe ngalo.
H.2 Isisebenzi siyoqondisa yinoma yimuphi umbuzo odabeni olungaphansi kwamandla nezibopho zikaNgqongqoshe enhlokweni yomnyango waso.
H.3 Inhloko yomnyango iyokwethula kuMqondisi Jikelele: iNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha, ukwandulela ngokubonisana, nganoma yiluphi uhlaka lomthetho noma uhlaka lomthetho ongaphansi noma umqulu wenqubomgomo okuthinta amandla noma izibopho zikaNgqongqoshe.
H.4 Inhloko yomnyango iyomisela inqubomgomo ngokuthi izisebenzi zomnyango wayo zingaxhumana kanjani nabamaphephandaba kanye nabanye bezindaba.
H.5 Isisebenzi, ngokwesikhundla esisiphethe, asinakugxeka ngokunganakekeli, inqubomgomo kaHulumeni esigcawini somphakathi noma ephephabhukwini noma ephephandabeni noma yimuphi umthombo womphakathi wezindaba.
Ukugunyaza inhloko yomnyango ukuba iphathe umnyango wayo ngokugculisayo nangokuqeqeshekile, isikhulu esiphethe siyohlinzeka inhloko yomnyango ngamandla negunya okufanele. Ngokwenjongo efanayo, inhloko yomnyango iyogunyaza izisebenzi emnyangweni ngokuzinikezela amandla afanele kanye nezigunyaziso lapho kufanele khona.
a banganikezela amandla kubasebenzi noma bagunyaze abasebenzi ukuba benze lowo msebenzi; futhi b babeke neminqumo ngokusetshenziswa kwalawo mandla noma ukwenziwa kwalowo msebenzi.
B.2 Isikhulu esiphethe siyoqopha ukunikwa amandla noma igunya ngokubhala phansi futhi lokho kungafakwa nasenkontilekeni yokuqashwa yenhloko yomnyango, njengoba kumiselwe esiqondisweni -VII B.2.1.
B.3 Ukunikezelwa kwamandla yisikhulu esiphethe noma inhloko yomnyango akubavimbeli ukuba bona ngokwabo bawasebenzise bona siqu lawo mandla.
C.2 Isikhulu esiphethe asinakuphoqa noma sivumele inhloko yomnyango noma yisiphi esinye isisebenzi ukuba sibambe iqhaza entweni noma sithathe isinqumo esephula lezi ziQondiso.
a iyoqinisekisa ukuthi izisebenzi zomnyango wayo ziyahambisana nalezi ziQondiso, izivumelwano ezihlanganyelwe kanye nanoma yisiphi isibopho esisemthethweni; futhi b siyobhekana ngokusheshayo nangokugculisayo nanoma yikuphi ukwephulwa okungenzeka.
C.4 Isikhulu esiphethe noma inhloko yomnyango bayosebenzisa amandla abo, benze imisebenzi yabo futhi basebenzise izibopho zabo ngaphansi kwalezi ziQondiso ngokuhambisana noMthetho wezobuDlelwano weziSebenzi kanye nezivumelwano ezihlanganyelwe ezithintekayo.
C.5 Isikhulu esiphethe kanye nenhloko yomnyango bayoqinisekisa ukuthi uMnyango wezeziMali uyavuma ngaphambi kokuba bathathe isinqumo esihlanganisa ukusetshenziswa kwemali kwezingenayo.
D.1 Lapho kungenzeka kube nokushayisana kweminako uma kwenziwa noma yisiphi isinqumo esimayelana nokuqasha, isikhulu esiphethe noma isisebenzi esinikwe amandla noma isibopho, siyokwenza lowo msebenzi noma senze isinqumo kuphela emva kokubhekelela isiphakamiso sethimba elizimele okungenani elibunjwe ngabantu ababili.
D.3 Isikhulu esiphethe noma isisebenzi abanakwamukela noma bafune isinxephezelo esiphathekayo sanoma yiluphi uhlobo esisebenzini noma lowo okungenzeka abe yisisebenzi ngokwenza okuthile noma ukuthatha isinqumo mayelana nokuqashwa.
Isisebenzi asinakuvezela umphakathi ulwazi olusemthethweni ngaphandle kokuba negunya elidingekayo.
Isikhulu esiphethe siyomisela izinjongo ezibambekayo zomnyango waso ukuze kuhlinzekelwe imisebenzi ngokunembuyiselo ngemali esetshenzisiwe, kusetshenziswe ngokuphelele imithombo yomnyango kuhlanganisa nezisebenzi, futhi kusetshenziswe nezokuphatha izisebenzi okungenzeleli. Ngokusebenzisa izimali ezikhona nangokumiselwe ezinjongweni nasemagunyeni omnyango nakaHulumeni zokuhlinzeka, isikhulu esiphethe siyohlela ukwenza imisebenzi ngokuhleleka okugculisayo nokuqeqeshekile kwangaphakathi enhlanganweni kanye nezindlela zokuphatha izisebenzi ezihlelembeke kahle. Ukuvumela ukubhekelela komphakathi nezishayamthetho, isikhulu esiphethe siyoshicilela umbiko waminyaka yonke nonikezela ngolwazi olubalulekile ngomnyango waso.
ezesekela ukuhambisana nezidingo zokubika ezisesiQondisweni III J kanye neziDingo zikaZwelonke eziseZingeni eliPhansi eliVunyelwe ngezoLwazi, nezikhonjwe esiQondisweni- VII H; kanye g nelihambisana nezidingo eziseziqephini- 5.1 no- 5.2 zeziQondiso zeziMali.
c sichaze izikhundla ezidingekile ukuze kwenziwe imisebenzi ehlonziwe sibe singaphakathi kwesabelo sezimali esikhona kanye noHlaka lwesikhathi esifushane lokuSetshenziswa kweziMali zikaHulumeni waso kanti lezo zikhundla ezihlonzwe kanjalo ziyoba yisimo esivunyiwe somnyango; futhi d sibe yingxenye yokuhlelwa kwezokuphathwa kwezisebenzi ngokuhambisana nesiqondiso- III D ngokubhekelela ukuhlangabezana nezidingo zezisebenzi.
a iyogqugquzela ukusetshenziswa kwemithombo okugculisayo, okunokonga nokuqeqeshekile ukuze kwenziwe ngcono ukusebenza komnyango; kanye b nokusebenzisa amaqhinga okusebenza afana nokunikelelwa kabusha, ukuhlaziywa kanye nokuphathwa okubambisene komsebenzi kanye nokwesulwa kwemisebenzi engenasidingo.
e oluqukethe izindlela ezikhomba ukuthi ulwazi ngemisebenzi yomnyango luzohlinzekwa kanjani; futhi f oluchaza uhlelo noma izindlela zezikhalazo.
C.2 Isikhulu esiphethe siyoshicilela isitatimende ngonyaka sokuzinikela kwizisebenzi zikaHulumeni nesiyosho amazinga emisebenzi yomnyango izakhamuzi namakhasimende abangawalindela nesiyochaza ukuthi umnyango uyohlangabezana kanjani nalawo mazinga.
c sihlele ngokwesabelo sezimali ezikhona, kuhlanganisa nezimali zesikhathi esisele salo lo luhlaka lwesikhashana lokusetshenziswa kwezimali, ukuqasha, ukugcina, ukuphaka kanye nokuthuthukisa izisebenzi kuya ngezidingo zomnyango nezihlonzwe ngokwesiqondiso-III D.
i izinjongo ezibambekayo kanye nokufanele kufinyelwe kukho okungakalwa ukuze kutholakale ukumeleleka, kubhekelelwa isiqondiso- III D.2; kanye ii nokufanele kufinyelelwe kukho ngokuqeqeshwa kwezisebenzi ngohla lomsebenzi kanye nezisebenzi ezithizeni, namasu acacile ukuhlangabezana nezidingo zokuqeqeshwa zabantu ababencishwe amathuba phambilini; kanye d siyobhekelela isimo sezisebenzi ezithintwe ngukuchithwa kwezikhundla ezingenasidingo futhi siyodiliza izisebenzi kuphela njengento yokugcina ngokuhambisana noMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi kanye nezivumelwano ezihlanganyelwe.
a Isitatimende senqubomgomo esibeka ngokusobala ukuzinikela komnyango ohlelweni lokuthuthukisa ababencishwe amathuba phambilini nanokuthi lenqubomgomo izosetshenzwa kanjani.
b Lokho okufanele kufinyelelwe kukho ngokwezibalo kanye nesikhathi okufanele kufinyelelwe ngaso ekumelelekeni.
c Izibalo zaminyaka yonke ngokuqokwa, ukuqeqeshwa nokukhushulwa ngaphakathi kwezinga ngalinye lokusebenza labantu ababencishwe amathuba phambilini.
D.3 Isikhulu esiphethe siyomemezela umphumela wokuhlelela okubekwe esiqondisweni- III D.1 kanye nohlelo lokuthuthukisa labo ababencishwe amathuba phambilini okubekwe esiqondisweni- III D.2 ukuze kwazeke ngaphakathi emnyangweni waso.
b isu lengqalasizinda yolwazi nelesekela isu lolwazi; kanye c nesu lokusebenza elenza kube lula ukumisela isu lengqalasizinda yolwazi kanye nokuphathwa kolwazi.
a ngazozonke izinhlelo zobuchwepheshe bolwazi zomnyango ukuze lezo zinhlelo zihleleke ngokuhlanganyela emsebenzini kahulumeni; kanye b nokuhambisana neNgxenye -1 yeSahluko- 5.
d uma kuyisikhundla esisezingeni-9 noma ngaphezulu, siyohlola umsebenzi ngaphandle uma leso sikhundla sesivele sesike sahlolwa phambilini; futhi e siqinisekise ukuthi zikhona izimali zesabelo, kuhlanganisa nezimali ezisele ohlakeni lokusetshenziswa kwezimali, ukuze kuvalwa leso sikhala.
Isikhulu esiphethe singabaqasha abantu abangaphezulu kwesimo esivunyiwe, ngaphakathi kwesabelo esivunyiwe, lapho a lowo ophethe leso sikhundla elindeleke ukuba angabibikho emsebenzini isikhathi nokungabangela ukuba umsebenzi wakhe ungeke wakwazi ukuba wenziwe ngabanye; noma b kuba nokwanda kwesikhashana komsebenzi; noma c kuba nesidingo nganoma sizathu sini ekubeni kwandiswe isibalo sezisebenzi emnyangweni.
e ukwedluliswa kwezisebenzi kuyokwenziwa ngokubhekelela izidingo zoMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi; futhi f ukwedluliswa kwezimali kuyokwenzeka ngokuhambisana nezidingo zesigatshana 6,5 zeziQondiso zeziMali.
c izidingo zokukhushulwa noma ukwenyuselwa ezingeni elilandelayo lamaholo, ngokuhambisana nenyathuko ebekiwe yokuqhubekela phambili ngokomsebenzi.
I.2 Okungenani kanye eminyakeni emithathu, isikhulu esiphethe siyobuyekeza izichasiso ngemisebenzi kanye namabizo kanye lapho kunesidingo khona, siyichaze kabusha ukuqinisekisa ukuthi ihlale ifanelekile futhi iqondile.
a ikhodi yokukhokhelwa I-CORE ngohla lomsebenzi; kanye b nohlelo lokuhlela amazinga emisebenzi.
c izinkomba zalawo makhono; kanye d nemicikilisho ethandekayo ekuqashweni nasekukhushulweni ngaphakathi kwalolo luhla lomsebenzi.
I.5 Ukusiza ukucwaninga ukuqashwa ezisebenzini zikahulumeni, isikhulu esiphethe siyohlanganisa zonke izikhundla emnyangweni waso kwi-CORE eyiyo kanye nomsebenzi obalwe ohlelweni lokumisela izikhundla.
a ngokwezimiso zesigaba- 923b zoMthethosisekelo, siyofakela ulwazi olubekwe esiqondisweni- III J.2 noma- J.3 embikweni wonyaka, njengokuhlonzwa ezigabeni- 40 1di kanye no-3 kanye no-651a kanye no-2 woMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni kanye nesigaba -18.5.1 seziQondiso zeziMali; kanye b ngokuhambisana nesigaba- 651a soMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, esikhathini esiyinyanga isikhulu esiphendulayo somnyango sithole umbiko wezimali, siyokwethula kuleso sishayamthetho esifanelekile, lowo mbiko wonyaka, siphinde sethule ngasikhathi sinye lowo mbiko emnyangweni wezimali ofanele, kwabezindaba kanye nasemphakathini.
J.2 Umbiko wokuqala wonyaka, nohlonzwe esiqondisweni- III J.1, uyokwethulwa kwisishayamthetho esifanele ngokonyaka wezimali ophela ngomhla ka-31 Mashi 2001 kanti uyohlanganisa ulwazi olubekwe esigabeni -1 sesiJobelelo -1.
J.3 Kusukela ngomhla ka-1 Ephreli 2001, umbiko wonyaka uyohlanganisa ulwazi mayela nokuhlelelwa kokuhlinzekwa kwezinsizakalo, inhlangano, ukuhlolwa kwemisebenzi, imiholo, izinzuzo, izimali ezisetshenziswa ezisebenzini, ukusetshenziswa kongoti, uhlelo lokuthuthukisa ababencishwe amathuba phambilini, ukuqasha, ukwenyuswa, ukuqedwa kwenkonzo yokusebenza, ukuphathwa kokusebenza, ukuthuthukiswa kwamakhono, ukulimala emsebenzini, ubudlelwano nezisebenzi, isikhathi sekhefu kanye nokukhishwa emsebenzini ngenxa yempilo ebuthakathaka njengokunquma kukaNgqongqoshe.
b ukuhlela iziphakamiso ngokwenziwa kwemisebenzi ethile; kanye c nokwenziwa komsebenzi othize nohlobo lobuchwepheshe noma lungokomqondo wokufundiswa, nokho luzikhipha ngaphandle izisebenzi zomnyango.
J.4 UNgqongqoshe uyonquma ngazikhathi indlela umbiko okhonjwe esiqondisweni III J.3 oyofakwa ngayo embikweni wonyaka.
b izisindo ezahlukene nezitholakale ohlelweni noma ezinhlelweni kulobo nalobo bubanzi bomholo esikalini semiholo;kanye c nomsebenzi noma uhla lwemisebenzi okufanele isikhulu esiphethe siyihlole.
c angahlola noma yimuphi umsebenzi; futhi/noma d ayalele umnyango ukuba uthathe izinyathelo ezithile ukuthuthukisa izinga lohlelo, kuhlanganisa nokuhlolwa kabusha kwemisebenzi, ukwakhiwa kabusha kwengxenye ebhekene nomsebenzi wokuhlolwa kwemisebenzi futhi/noma okunye ukuqeqeshwa kwezisebenzi ezibhekene nokuhlolwa kwemisebenzi emnyangweni.
B.3 Isikhulu esiphethe singahlola noma siphinde sihlole noma yimuphi umsebenzi emnyangweni waso.
a ukuhlinzekwa kwezinsizakalo okugculisayo nokuqeqeshekile kanye nokuhlinzeka ngemihahiso efanelekile ezisebenzini; kanye b nokukhokhelwa okufanayo ngomsebenzi wezinga elifanayo kanye namazinga alinganayo ezisebenzi.
d ukusebenza kwaleso sisebenzi; kanye e nesidingo sokuqasha nokugcina izisebenzi ezinamakhono afanelekile.
a ezisebenzini ezingaphansi koMthetho wobuDlelwano neziSebenzi, ezinhlelweni ezejwayelekile zokubonisana; kanye b nezinye izisebenzi, ngokwesinqumo sakhe.
C.1 Isikhulu esiphethe siyonquma ngezinga lesikhundla ukuze sihambisane nesisindo somsebenzi futhi simisele nomholo wokuqalisa wesisebenzi eqophelweni eliphansi ezingeni lomholo elihlangene nalelozinga, ngaphandle uma umholo lowo ubonisa ukungenelisi ngaphansi kwamaphuzu okunquma asesiqondisweni- V C.3.
C.2 Uma umsebenzi unesisindo esisebenza ngaphezu kwezinga lomholo elilodwa, isikhulu esiphethe siyonquma ukuthi yiliphi izinga lomholo elizosetshenziswa.
a uma sesiwuhlolile umsebenzi kodwa singakwazi ukuqasha noma ukugcina isisebenzi esinamakhono adingekile emholweni oboniswa yisisindo somsebenzi; kanti b siyoqopha izizathu ezikhomba ukuthi yingani umholo okhonjwe yisisindo somholo ungenelanga.
C.4 Uma isisindo somsebenzi sikhomba ukuthi isikhundla esigcwalisiwe singaphezulu noma ngaphansi kwezinga, isikhulu esiphethe siyokwenza izinguquko ekuhlelweni komsebenzi noma sihlele kabusha isikhundla ngokuhambisana nesisindo somsebenzi kanye nezivumelwano ezihlanganyelwe ezithintekayo njengoba kumiselwe esiqondisweni- V C.5 kuya ku- C.7.
a isisindo somsebenzi njengokukalwa ngokohlelo lokuhlola umsebenzi sikhomba ukuthi isikhundla sahlelwa ngokungeyikho; futhi b isabelo somnyango kanye nohlaka lwesikhashana lokusetshenziswa kwezimali unazo izimali ezanele.
C.6 Uma isikhulu esiphethe sandisa umholo wesikhundla njengoba kumiselwe esiqondisweni- V C.
c esevele ethole ukulinganiswa okwenelisayo ekuhlolweni kwakhe kwakamuva; futhi d eqala ukusebenza eqophelweni eliphansi lezinga eliphezulu lemiholo.
C.7 Ukungeniswa kwesisebenzi esivele sesikhona esikhundleni sezinga eliphezulu njengoba kuhlonzwe ngaphansi kwesiqondiso-V C.6, kuyoqala ukusebenza osukwini lokuqala lenyanga kulandela inyanga isikhulu esiphethe esikuvumele ngakho ukungeniswa lokho.
i singakha kabusha leso sikhundla ukulinganisa nezinga lomsebenzi; noma ii sedlulisele leso sisebenzi esiphethe isikhundla komunye umsebenzi ezingeni elifanayo lomholo; futhi b sihambisane nomthetho ofanele kanye nezivumelwano ezihlanganyelwe.
C.9 Isikhulu esiphethe siyokwenza yonke imizamo yokuthi umholo wesisebenzi esisebenza amalanga athile, izinkathi ezithile zonyaka noma zesikhashana, uyefana nalowo wesisebenzi esiqashwe ngokugcwele esisezingeni elifanayo.
D.1 UNgqongqoshe uyonquma amazinga okunxephezelwa ngesikhathi esengeziwe esisetshenziwe ngohlelo lokubonisana.
a isisebenzi singelona ilungu le-SMS, ngaphandle kwalokho okushiwo esiqondisweni -V D.
c isikhulu esiphethe sinikezele ngesivumelo esibhalwe phansi ngaphambi kokuba wenziwe lowo msebenzi; futhi d ngaphandle kwezimo ezingavamile, isinxephezelo sesikhathi esengeziwe singaphansi kwamaphesenti angamashumi amathathu omholo wenyanga wesisebenzi.
a isinxephezelo ngesikhathi esengeziwe siyiphesenti elilodwa noma ngaphansi kwesamba somholo kulelo zinga lomholo; futhi b umnyango sewumisele izindlela nezimiselo ezisobala futhi ezingananazi ngesikhathi esengeziwe nokuboniswene ngazo nezisebenzi ezithintekayo.
e ukuthi umhloli angakuqopha kanjani ukuvumela isikhathi esengeziwe; kanye f nezinye izindlela zokuqondisa, uma zidingeka.
E.1 UNgqongqoshe uyonquma ngqo ngezinzuzo zokusebenza, izindlela zokunxephezela, ukwenza okumayelana nezikhungo zokusebenza kanye nezibonelelo ezisebenzini ngokohlelo lokubonisana okuhlanganyelwe noma kulezo zisebenzi ezingekho ngaphansi koMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi.
a nezibonelelo eziyisipesheli zansuku zonke ngokuvakashela phesheya kwezisebenzi; kanye b nesicelo sebhonasi sokusebenza, ukwenza kokunxephezela, ukwenza okumayelana nesikhungo sokusebenza noma isibonelelo.
E.3 Ngokubhekelela izimiso zesivumelwano esihlanganyelwe esifanele, isikhulu esiphethe singanikezela ngemali elingana nezinzuzo ezitholwa yizisebenzi eziqashwe ngokuphelele kulezo zisebenzi eziqashwe ngokwenkontileka ephelayo, ngaphandle kwezinhloko zeminyango.
b iyoqopha zonke izikhathi zekhefu ezithathwe yisisebenzi ngokuyikho nangokuphelele; futhi c iqinisekise ukuthi isisebenzi asisixhaphazi isikhathi sekhefu sokugula.
G.2 Ekubhekaneni nezindaba zezisebenzi kanye nomholo wesisebenzi ngasinye, inhloko yomnyango iyolihlonipha ilungelo langasese lesisebenzi.
a Igama lomnyango nekheli.
b Igama lesisebenzi.
c Igama lesikhundla kanye nohla lomsebenzi ngokuhambisana neCORE.
d Iqophelo lomholo lesisebenzi.
e Noma yiluphi olunye uhlobo lwesinxephezelo umnyango olukhokhela ngqo isisebenzi ngenyanga.
f Isikhathi inkokhelo leyo eyenziwe ngaso.
h Isamba sangempela esikhokhelwe isisebenzi.
Isimo sendawo yokusebenzela kufanele sesekele ukuphakelwa kwemisebenzi okugculisayo nokuqeqeshekile kube ngaso leso sikhathi kuzanywa ngayoyonke indlela ukubhekelela isimo sezisebenzi ngasinye, kuhlanganisa nokukhubazeka, iHIV (igciwane eliyisandulela ngculazi) i-AIDS (ingculazi) kanye neminye imibandela yezempilo kufanele kubhekelelwe.
Inhloko yomnyango ingasidinga ukuba isisebenzi sisebenze ngesikhathi samahora angabekelwe ukusebenza uma umsebenzi kudingeka wenziwa ngaphandle kokubambezeleka ngenxa yezimo ezingaphezu kwenhloko yomnyango namsebenzi lowo abengeke alindeleke ukuba awuhlelele.
Inhloko yomnyango iyomisela futhi inakekele isimo sokusebenza esiphephile futhi esinempilo ezisebenzini zomnyango.
b iyothatha zonke izinyathelo ezingalindeleka ukuphumelelisa ngokushesha ukutholakala kokwalulekwa nokuhlolwa kanye nokunikezelwa imishanguzo ngokuhambisana neziqondiso ezikhona nemitheshwana yezisebenzi ezihlangabezane ne-HIV ngenxa yesehlo sokusebenza; kanye c uma ukuhlolwa okushiwo esigatshaneni b kukhombisa ukuthi isisebenzi sesinegciwane leHIV ngenxa yesehlo sokusebenza, iyoqinisekisa ukuthi isisebenzi siyasizakala esicelweni sokunxeshezelwa ngokoMthetho weziNxephezelo zokuLimala neZifo ka- 1993 uMthetho uNombolo -130 ka- 1993.
a iyomisela uhlelo olufanele lokufundisa, ukuqwashisa kanye nokuvimbela nge-HIV/AIDS kanye nezinye izifo ezithathelwanayo ezisebenzini zomnyango, lapho kungenzeka khona, nemindeni yazo, uma kwenzeka, kuhlanganiswe lezo zinhlelo nezinhlelo ezigqugquzela impilo kanye nenhlalakahle yezisebenzi.
b iyomisela izindlela zokugqugquzela ukuvuleleka, ukwamukeleka, ukunakekela kanye nokwesekelwa ngaphakathi endaweni yokusebenza kwalezo zisebenzi ezihaqwe yigciwane le-HIV. Lezo zindlela kungakuhle uma ziyingxenye yohlelo olunzulu lokusiza izisebenzi noma uhlelo lokugqugquzela ezempilo.
e iyomisela ikomidi le-HIV/AIDS lomnyango elinokumelelwa nokwesekwa okwenele kubobonke abaneqhaza, kuhlanganisa abamelele izinyunyana zezisebenzi, ukuqinisekisa ukusebenza ngokuyikho kwezimiselo zesiqondiso- VI E; futhi f iyoqinisekisa ukuthi uhlelo lokugqugquzela ezempilo luhlanganisa isu lokuxhumana elisebenza ngokuyikho ngaphakathi.
Inhloko yomnyango iyomisela izinyathelo eziyizo zokuhlola nokubuyekeza imiphumela yohlelo lokugqugquzela ezempilo ezisebenzini zomnyango.
Izenzo zokuqashwa ziyoqinisekisa ukulingana kokuqashwa, ukungenzeleli, ukusebenza ngokugculisayo kanye nokuzuza ukumeleleka ezisebenzini zikahulumeni. Ukuthuthukiswa kwalabo ababencishwe amathuba phambilini kuyosetshenziswa ukusheshisa ekwakhiweni kokumeleleka kanye nenkonzo yezisebenzi zikaahulumeni kanye nokunikezela ukwesekela okubambekayo kulabo ababencishwe amathuba phambilini ngokubandlululwa ukubasiza ekutheni bafinyelele ezingeni labo. Izenzo zokuqasha kufanele zithambekele zonke izimo, zehlise umthwalo wezokuphatha kubo bobabili umqashi nomqashwa kanye nokuvimbela nje ngokwejwayelekile ukumosa nokusebenza ngokungagculisi.
f siyodinga ukuba isisebenzi siphasiswe njengesiphephile kuphela lapho izibopho zaleso sikhundla zikudinga ukuba umphathi waso aphasiswe njengophephile; futhi g siyoqinisekisa ukuthi leso naleso sisebenzi, uma siqashwa, sinikezelwa inkontileka yomsebenzi ebhaliwe, kuhlanganisa izibopho nezimiselo zokusebenza.
B.2.1 Inkontileka okufanele isayindwe phakathi kwesikhulu esiphethe kanye nenhloko yomnyango ngokwezimiselo zesigaba -12 soMthetho ziyoshiwo kwiNgxenye- 1 yeSijobelelo- 2 salezi ziQondiso. Ngokwengezelela emaphuzwini abhekelelwe esigabeni -12 (a) kuya ku (c) zoMthetho, inkontileka ingacacisa ngqo amandla anikezelwe noma amagunya enhloko yomnyango ngokwezimiselo zesiqondiso II B.1 nokudingekile ukuze iphathe umnyango ngokwezimiselo zesigaba- 7 (b) soMthetho, kanye nesimiselo esibeka ngokuthi ukunikezelwa amandla noma igunya kunezezelwe noma kususwe kanjani enkontilekeni.
B.2.2 Isikhulu esiyinhloko siyonikezela uNgqongqoshe ikhophi yaleyo nkontileka ngokushesha emva kokuba isayindiwe.
b izizathu zokunqanyulwa kwenkonzo yaso ziyala ukuba singaphinde siqashwe; noma c leso sisebenzi sashiya inkonzo yezisebenzi zikahulumeni ngenxa yokugula kanti asinabo ubufakazi bakamuva nje obukhomba ukululama.
B.4.1 Isikhulu esiphethe, ngokuvumelana nesisebenzi esithintekaya, singathumela isisebenzi komunye umnyango enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni ukuyokwenza umsebenzi othizeni noma isikhathi esinqunyiwe.
B.4.2 Umnyango owamukelayo yiwo oyobhekana nezindleko zonke zokuthunyelelwa, ngaphandle uma iminyango yomibili ivumelana ngokunye, noma oweZimali uvumela okunye ukuhlelelwa.
B.4.3 Isimiselo sesiqondiso- VII B.4.2 siyasebenza futhi ekuthunyelelweni okwenziwe ngokwesigaba- 15 soMthetho kwabanye ohulumeni kanye nezinhlangano zamazwe ngamazwe.
B.5.1 Inhloko yomnyango inganxephezela kuphela isisebenzi ngokubamba isikhundla sezinga elingaphezulu esingenamuntu ngokwemiyalelo yesinqumo sikaNgqongqoshe esenziwe ngokohlelo lokubonisana okuhlanganyelwe.
B.5.2 Inhloko yomnyango ingaphinde inxephezele isisebenzi esibambe isikhundla uma lowo okuyisikhundla sakhe leso naye ebambe isikhundla sezinga elingaphezulu esingenamuntu, kubhekelwe ukuthi akunanxeshezelwa izisebenzi ezimbili ngasikhathi sinye ngenxa yokuvuleka kwesikhala esisodwa.
B.5.3 Isisebenzi asinakubamba ngokungaphazanyiswa isikhundla esingaphezulu esingenamuntu isikhathi esedlula izinyanga eziyishumi nambili.
B.5.4 Ngokubhekelela isiqondiso-VII B.5.3, noma yisiphi isikhathi esingaphazanyiswanga sokubamba isikhundla esingaphezulu esikhundleni esingenamuntu ngaphambi nje komhla ka-1 Julayi- 1999, kuyobhekelelwa uma isisebenzi siqhubeka nokubamba leso sikhundla ngalolo lusuku.
C.1.1 Isikhulu esiphethe siyonquma ngezidingo ezihlanganisiwe zokuqashwa kunoma yisiphi isikhundla ngokubhekelela izidingo ngqangi zomsebenzi.
b siyoqinisekisa ukuthi izidingo zokuqashwa azibandlululi kubantu ababencishwe amathuba phambilini; futhi c sihambisane nanoma yiziphi izidingo zomthetho ngokuqashwa kwizisebenzi.
C.2.1 Isikhulu esiphethe siyoqinisekisa ukuthi izikhundla ezivulekile emnyangweni zimenyezelwa ngokugculisayo nokuchwepheshekile, ngangokuthi ziyazeka kubobonke labo abangafaka izicelo, ikakhulukazi labo ababencishwe amathuba phambilini.
C.2.2 Isimemezelo sesikhundla siyosho ngokusobala izidingo ngqangi zomsebenzi, igama lesikhundla kanye nezibopho ngqangi.
C.2.3 Noma yisiphi isikhundla esivulekile esisezingeni le-SMS siyomenyezelwa ezweni lonke.
a noma yikuphi enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni; noma b ngaphandle kwenkonzo yezisebenzi zikakahulumeni ezweni lonke noma endaweni.
C.2.5 Isikhulu esiphethe singasigcwalisa isikhala sesikhundla esivulekile ngaphandle kokuhambisana neziqondiso- VII C.2.3 no -C.2.
c umnyango uhlela ukugcwalisa isikhundla njengengxenye yohlelo lokujikelezisa noma ukwedlulisa izisebenzi ukukhuphula ukusebenza ngokuqeqeshekile kwenhlangano kanye namakhono; noma d isikhundla sigcwaliswa ngokwesimiselo sesigaba -3B soMthetho.
C.2.6 Isikhulu esiphethe singasebenzisa i-ejensi eyamukelekayo ukuhlonza labo abancintisana ngesikhundla, kuphela nje uma ukumenyezelwa kanye nezindlela zokuqoka zihambisana neziqondiso -VII C no- D.
C.2.7 UNgqongqoshe angakhipha imiyalelo mayelana nendlela izikhala ezivulekile okufanele zimenyezelwe ngayo ezisebenzini zikahulumeni.
D.1 Isikhulu esiphethe siyoqoka ikomidi lokuhlunga ukuze lenze iziphakamiso ngokuqokela izikhundla. Ikomidi lokuhlunga liyokwakhiwa ngamalunga okungenani amathathu nokuyizisebenzi ezisezingeni elilinganayo noma eliphakeme kunezinga lesikhundla esizogcwaliswa noma kube ngabantu abakulungele abavela ngaphandle kwenkonzo yezisebenzi zikahulumeni noma lapho bemelelwe khona bobabili isisebenzi noma izisebenzi kanye nalowo muntu noma abantu.
a usihlalo wekomidi lokuhlunga, oyobe eyisisebenzi, uyoba sezingeni eliphakeme kunesikhundla esigcwaliswayo; futhi b esimweni lapho imenenja yalolo luphiko olunesikhundla esivulekile isezingeni elingaphansi kwesikhundla esivulekile, leyo menenja ingaba yilungu lekomidi lokuhlunga.
a kuyinhloko yomnyango kazwelonke, okungenani oNgqongqoshe abathathu; kuthi b lapho kuyinhloko yezokuphatha esifundeni noma inhloko yomnyango wesifundazwe, kube ngamalungu esiGungu esiKhulu saleso sifundazwe.
D.3 Ikomidi lokuhlunga, lapho kungenzeka, liyoba nokumelelwa okwenele kwabantu ababencishwe amathuba phambilini.
D.4 Izisebenzi zamazinga angaphansi kwezinga lesikhundla esizogcwaliswa zinganikezela ngosizo lokuba ngomabhalane noma zinike izeluleko ngesikhathi sokuhlunga, nokho angeke zibe yingxenye yekomidi lokuhlunga.
d ukumeleleka kophiko lapho isikhundla sikhona; kanye e nohlelo lomnyango lokuthuthukisa labo ababencishwe amathuba phambilini.
D.6 Ikomidi lokuhlunga liyoqopha izizathu zesinqumo salo ngokuphathelene nezimo zokunquma ezishiwo esiqondisweni -VII D.5.
D.7 Lapho isikhulu esiphethe singavumelani nesiphakamiso sekomidi lokuhlunga, siyoqopha ngokubhaliwe izizathu zesinqumo saso.
a siyozanelisa ngokuthi lowo ofake isicelo uyafaneleka ngayoyonke indlela esikhundleni kanye nokuthi lokho akusho esicelweni sakhe somsebenzi kuye kwaqinisekiswa; kanye b kuqoshwe ngokubhaliwe lokho kuqinisekiswa.
E.1 Izisebenzi eziqashelwe isikhathi esingadluli onyakeni, azisisebenzi isikhathi sokuvivinywa.
e lowo osebenza sakuvivinywa uthola isiqinisekiso sokuqashwa esibhaliwe ekupheleni kwesikhathi uma etholakale esilungele isikhundla leso; futhi f uma kucatshangelwa ukuba axoshwe ngenxa yokusebenza ngokungagculisi, lowo osebenza sakuvivinywa uyonikwa ithuba lokuchaza uhlangothi lwakhe kanti ngaleso sikhathi lowo ovivinywayo uyobe esizwa ngummeleli wakhe, kuhlanganisa uzakwabo noma omele inyunyana yezisebenzi.
a kunezimali ezenele esabelweni, kuhlanganisa nezimali zesikhathi esisele sohlaka lokusetshenziswa kwezimali lwesikhashana, ukuba kungagcwaliswa leso sikhala, kanye b isikhala leso simenyezelwe kanti lowo ofake isicelo uqokwe ngokuhambisana neziqondiso -VII C no -D.
F.2 Ukukhushulwa akunakuqala ukusebenza ngaphambi kosuku lokuqala lwenyanga kulandela inyanga isikhulu esiphethe esikuvumele ngayo.
F.3 Akukho sisebenzi esinelungelo lokukhushulelwa esikhundleni esivulekile ngaphambi kokuba lokho kukhushulwa kuvunywe yisikhulu esiphethe ngokubhaliwe.
Isisebenzi siyothatha umhlalaphansi esikhathini kanye nasesimweni esimiselwe esigabeni -16 soMthetho.
G.2.1 Isikhulu esiphethe siyonquma indlela isisebenzi esiyokwethula ngayo ukushiya kwaso.
b lapho isisebenzi singesesikhashana esesisebenze isikhathi esingaphansi kwamasonto amane, siyonikezela ngesaziso sokushiya sesonto elilodwa; noma c lapho isisebenzi kungesesikhashana esesisebenze ngaphezu kwamasonto amane, siyonikezela okungenani isaziso samasonto amabili.
G.2.4 Isisebenzi esiba ngokhankasele ukhetho lwamalungu esiShayamthetho sikaZwelonke noma yiliphi elinye ishayamthetho lesifundazwe, noma oqokwa njengesithunywa saphakade soMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kufanele sishiye enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni ngaphambi kokhetho.
G.3.1 Isikhulu esiphethe, ngokukhomba kobufakazi bezempilo, singakubhekelela ukudedela umsebenzi ngokwezimiselo zesigaba- 17 (a) soMthetho ngenxa yempilo ebuthakathaka. Ukufinyelela lapho, isikhulu esiphethe kungenzeka sidinge ukuba isisebenzi sihlolwe ngokwezempilo ngudokotela obhalisiwe..
G.3.2 Ukukhululwa ngenxa yempilo ebuthakathaka kuyokwenzeka ngokubhekelela iphuzwana -10 yeSheduli -8 yoMthetho wobuDlelwano neziSebenzi.
G.4.2 Uma isikhulu esiphethe sedlulisela izisebenzi enhlanganweni engaphandle kwenkonzo yezisebenzi zikahulumeni, siyohambisana nesigaba -197 soMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi.
Uma inkonzo yesisebenzi esisebenza sakuvivinywa iqedwa ngokwezimiselo zesigaba -13 soMthetho kufanele kubhekelelwa ngephuzwana- 8 leSheduli- 8 yoMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi.
Iminyango iyophatha ukusebenza ngendlela yokubonisana, enokwesekela nengabandlululi ukuze kukhushulwe ukusebenza okunobuchwepheshe nokugculisayo kwenhlangano, ukuphendula ngokusetshenziswa kwemithombo kanye nokufezeka kwemiphumela. Izinhlelo zokuphatha ezokusebenza ziyoxhumana namasu abanzi futhi amileyo ngokuthuthukiswa kwizisebenzi kanye nokuhambisana nezinjongo eziphusile zomnyango. Umumo ngqangi wokuphathwa kokuphathwa kokusebenza kuyoba ngukuthuthukisa kodwa uyokuvumela ukusukunyelwa kokusebenza okuqhubekayo okungenelisi kanye nokuhlomulisa ukusebenza okuhle kakhulu. Izindlela zokuphathwa kokusebenza kufanele zehlise umthwalo wokuphatha kubaqapheli kube futhi kuqhubezela ukuvuleleka kanye nobulungiswa kwezokuphatha.
B.1 Isikhulu esiphethe siyonquma ngohlelo lokuphathwa kokusebenza kanye nokuthuthukiswa kwezisebenzi emnyangweni waso ngaphandle kwezisebenzi ezingamalungu e-SMS, ngokuhambisana nemigomo esesiqondisweni- VIII A. Loluhlelo luyomiselwa kuyoyonke iminyango kusukela ngomhla ka-1 Apreli- 2001 ngokubhekelela izimiselo zesigatshana-4 zeSijobelelo- 1.
b usuku lwaminyaka yonke lokuhlolwa kokusebenza; kanye c nomhloli osibopho sakhe ngukuhlonza, ukuqapha kanye nokuhlola ukusebenza kwesisebenzi.
b ngaphambi kokuqala kwesiyengelezi sokuhlolwa noma esikhathini esiyinyanga emva kokuqashwa noma ukukhushulelwa esikhundleni; uyochaza indlela yokuhlolwa kokusebenza; futhi c uyokwazisa isisebenzi ngezimiso zezinqumo ezisetshenziswa ekuhlolweni kokusebenza.
b okungenani kabili ezinyangeni eziyisithupha ezandulela usuku lokuhlolwa okumisiweyo kokusebenza kwesisebenzi; futhi c ngokubhaliwe, ngosuku lokuhlolwa kokusebenza okumisiweyo okwenziwa njalo ngonyaka.
C.1 Isikhulu esiphethe singamisela okunye kokuhlola ukusebenza ngokwehluka kwezinhla zemisebenzi noma amazinga okusebenza; kodwa uma kuhlolwa isisebenzi esisodwa, kuyosetshenziswa okukodwa kokuhlola ukuze kusize ekunqumeni ngodaba lokusebenza sakuvivinywa, imivuzo, ukukhushulwa kanye nokuthuthukiswa kwamakhono esisebenzi.
C.2 Ukuhlolwa kuyomiselwa kuphela olwazini oluqukethwe kulokho okumiselwe ukuhlola ukusebenza. Nokho-ke uma kukhona isikhalazo mayelana nokuhlolwa lokho, ulwazi oluvezwe mayelana naleso sikhalazo, kuyofanele lubhekelelwe.
C.3 Ngaphambi kokusebenzisa uhlelo lokuphatha ukusebenza nokuthuthukisa olushiwo esiqondisweni- VIII B.
a siyoqale siluhlole emaqenjini ezisebenzi kuzozoke izinhla zemisebenzi ukuze kuqinisekiswe ngokungananazi ukusebenza ngokusemthethweni; futhi b sibonisane nezinhlangano zezisebenzi emnyangweni waso.
D.1 Umhloli wesisebenzi uyosazisa isisebenzi ngokubhaliwe ngomphumela wokuhlolwa kanti uma ukusebenza kwesisebenzi kungagculisi, uyosho izizathu zalokho kuhlolwa.
D.2. Isisebenzi esingenelisekile ngomphumela wokuhlolwa kwaso, singenqaba ukukusayina.
D.3 Umhloli wesisebenzi kufanele azisho ngokucacile izindlela zokwedlulisa isikhalazo esisebenzini esingenelisekile ngomphumela wokuhlolwa kwaso.
D.4 Kunoma yikuphi ukwedlulisela isikhalazo mayelana nomphumela wokuhlolwa, isisebenzi singasizwa ngesinye isisebenzi noma ummeleli waso noma wenyunyana yaso.
D.5 Isikhulu esiphethe asinakwazisa ngomphumela wokuhlolwa kwesisebenzi kumuntu ongaqashiwe ngumnyango waso ngaphandle kokuba isisebenzi sikuvumele lokho ngokubhaliwe.
b uma ukusebenza kungenelisi ngendlela yokuthi kuyize kanti nentuthuko edingakalayo ingeke yenzeka, siyobhekelela izinyathelo zokukhulula lowo othintekayo ngokungalungeleki noma ngokwehluleka ukwenza imisebenzi emisiwe.
F.1 Uma isabelo sezimali kanye nohlaka lokusetshenziswa kwezimali lwesikhashana unezimali ezenele, inhloko yomnyango ingamisela uhlelo lwemihahiso yezimali yezisebenzi noma kukuliphi olunye uhla lwezisebenzi.
b iyokwazisa uhlobo kanye nemithetho yohlelo ngokulinganayo kuzozonke izisebenzi; futhi c iyoqinisekisa ukuthi izisebenzi ezimisela imiqobo yekhwalithi nenani lohlelo azinikeziwe amandla okulumisela lolo luhlelo ngokumayelana nazo.
ngomhlomulo oyisamba semali esingenantela esingawadluli amaphesenti angamashumi amabili omholo waminyaka yonke onentela wesisebenzi noma ngemvume kaNgqongqoshe, umhlomulo oyisamba semali esingenantela esedlulayo emaphesentini angamashumi amabili omholo wonyaka wesisebenzi; noma iii umhlomulo ongewona imali kanye nomhlomulo oyimali.
Izisebenzi kufanele zihlale zikuthola ukuqeqeshwa okuqhubekayo nokulinganayo nokubhekiswe ekumelelekeni okugculisayo nokungachemile enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni. Ukuqeqeshwa kufanele kwesekele ukusebenza kanye nentuthuko yokusebenza. Kufanele kuqhubeke kuqhutshwe yizidingo kanti kuhlangane ngokuphusile nezinsebenzo ezibanzi zokuthuthukiswa kwezisebenzi kanye nezinhlelo eziqonde ekuphuculeni ukulingana kokuqashwa kanye nasekumeleleni.
B.2 Ngokuqondiswa yizimiselo zoMthetho kanye nalezi ziQondiso kanye nemitheshwana yeBhodi yamaThenda yoMbuso noma yesiFundazwe, ukuqeqeshwa kungenziwa ngaphakathi noma ngaphandle.
B.3 Umhloli uyovulela izisebenzi eziqashelwe zaphathwa nguye, amathuba okuqeqeshwa ngokuhambisana nohlelo lokuqeqesha lomnyango.
B.4 Inhloko yomnyango iyoqinisekisa ukuthi kukhona izimali ezenele zokuqeqesha izisebenzi kuwowonke amazinga.
B.5 Ilungu le-SMS liyoziletha ngokwalo ukuze liqeqeshwe enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni noma ukuze lona liqeqeshe abanye.
C.1 UNgqongqoshe angakhipha imiyalelo mayelana nokuqeqeshwa kwezisebenzi noma izinhla ezithile ezisebenzini zikahulumeni.
C.2 UNgqongqoshe, lapho kufaneleke khona, uyoqinisekisa ukuthi leso naleso sikhungo esisibopho saso ngukuqeqesha enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni nokuthi ukuqeqeshwa enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni kuthola ukuvunyelwa yiZiphathimandla ZeZiqu zaseNingizimu Afrika.
C.3 Umnyango noma isikhungo sokuqeqesha esinikezela ngokuqeqesha okuyalelwe nguNgqongqoshe siyonikezela ngezitifiketi ngalokho kuqeqesha uma sekuphothuliwe. Yonke iminyango iyozamukela lezo zitifiketi.
Isikhulu esiphethe siyonquma ngamakhono adingekile bese siyalela ngokuqeqeshwa kwezinhla ezahlukene noma kwezisebenzi ezithile emnyangweni waso.
a icele isisebenzi ukuba sifunde, siqeqeshwe noma sicwaninge; noma b uma isisebenzi sicele lolo lusizo.
E.2 Inhloko yomnyango inganikezela ngosizo lwanoma yizimali noma olunye ngezinsebenzo zesikhashana noma zesikhathi esigcwele esikhungweni sendawo noma samazwe angaphandle. Ingaphinde inikezele ngosizo lokufunda nokuqeqesha ngezibonelelo ezifana nezinhlelo zokufunda ezimfushane, izinkongolo, imihlangano yokucobelelana ngolwazi, izinkomfa, imihlangano yokucobelelana ngamakhono, izimfundiso kanye nokuvakasha kokufunda.
a inganikezele ngemifundaze yemfundo ephakeme kubo bobabili abantu abayizisebenzi noma labo abangaba yizisebenzi nokho singanikezela imifundaze ngemfundo eyejwayelekile noma eyokuzithuthukisa nokuqeqeshwa kuphela kulabo abayizisebenzi; futhi b kungenzeka ingadingi ukuba kube nenkontileka ukunxeshezelwa ngosizo olutholakele mayela nemfundo eyejwayelekile noma imfundo yokuzithuthukisa noma ukuqeqeshwa.
E.4 Inhloko yomnyango ingazisula izindleko zangempela ezihlangene nokufunda, ukucwaninga noma ukuqeqeshwa, nokho ayidingi ukuba ibhekane nazo zonke izindleko.
E.5 Isisebenzi esivele sesisebenza siyoqhubeka nokuthola umholo waso, noyobalwa njengengxenye yosizo lwezimali lomnyango waso ngesikhathi sifunda, sicwaninga noma siqeqeshwa.
E.6 Ngokuya ngeziQondiso zeziMali, inhloko yomnyango ingesula zonke noma ingxenye yanoma yiziphi izikweletu zokufunda.
i lowo onikezwe umfundaze nofunda ngokugcwele, uyokhokha lowo mfundaze ngokusebenzela umnyango ngokuthi unyaka owodwa ngonyaka owodwa wokufunda noma ingxenye yalokho; noma iii lapho lowo onikwe umfundaze efunda ngokwezikhawu, uyokhokha lowo mfundaze ngokusebenzela umnyango okungenani unyaka owodwa emva kokuthola leyo khwalifikheshini; futhi b lowo onikezwe umfundaze nofunda ngokugcwele uyoqalisa ngokusebenzela umnyango emva kokuhlangabezana nazo zonke izidingo zokuthola iziqu efanelekile.
E.8 Isisebenzi esehluleka ukuphothula iziqu efanelekile siyokhokhela isibopho saso ngokwenkontileka ngokusebenza noma ngokukhokha isamba somfundaze kanye nenzalo ezingeni elinqunywe nguNgqongqoshe wezeziMali ngokwemigomo yesigaba -80 (b) yoMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni.
E.9 Lapho isisebenzi esifundayo noma esiqeqeshwa izikhathi ezimfushane, inhloko yomnyango, njengombandela wokunikezela ngosizo, ingabophezela isisebenzi ukuba singene enkontilekeni nomnyango emigomo yaso ithi kumele sisebenzele umnyango isikhathi esilinganayo nesokufunda.
b "imfundo eyejwayelekile" isho isigaba esiphoqelelwe sokuhamba isikole njengokhonjwa yisigaba- 3 soMthetho weziKole zaseNingizimu Afrika ka 1996 uMthetho uNombolo -84 ka -1996; futhi c "imfundo ephakeme" isho imfundo ephakeme njengokuchazwa yisigaba -1 soMthetho weMfundo ePhakeme ka -1997 uMthetho -101 ka- 1997.
Uma isikhulu esiphethe sinelungelo lokubambela uMbuso njengomqashi, siyolawula izingxoxo, sisayinde izivumelwano ezihlanganyelwe futhi silamule imibango yezisebenzi ngokwezimiselo zoMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi. Asiyukusayinda isivumelwano esinemixhantela yezimali ngaphandle uma sinegunya elingangatshazwa.
Uma isivumelwano esihlanganyelwe esisayindwe ngummeleli ogunyazwe nguMbuso njengomqashi sisebenza emnyangweni, isikhulu esiphethe somnyango siyosimisela futhi sisicindezele.
b sinelungelo lokubhekana nodaba oludingidwayo; futhi c sihlangabezana nezimiselo zezimali ezisesiqondisweni- X D.
C.2 Izingxoxo zokubonisana ezihlanganyelwe ziyoqondiswa nguMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi.
a uma isikhulu esiphethe silawula umkhakha, sinesibopho sokulawula izingxoxo ezihlanganyelwe; noma b uma kunesikhulu esiphethe esingaphezu kwesisodwa esilawula umkhakha, iKhabhinethi iyoqoka esisodwa ezikhulwini eziphethe ukuba silawule izingxoxo zokubonisana.
C.5 Isikhulu esiphethe siyonikezela uNgqongqoshe ngekhophi yanoma yisiphi isivumelwano esihlanganyelwe okuvunyelwene ngaso emkhandlwini wokubonisana emnyangweni noma emkhakheni waso.
i ngesabelo somnyango waso, ii ngokwesethembiso esibhaliwe somnyango weziMali ukunikezela izimali zokwengezelela; noma iii gezimali zezabelo zeminye iminyango nama izikhungo ngesivumelwano esibhaliwe futhi savunyelwa nguMnyango weziMali.
Ukuguqulwa nokuhlelwa kabusha kwenkonzo yezisebenzi zikahulumeni kuyokwenzeka ngesikhathi esibekwe esiqondisweni- XI B ngokuhambisana naleNgxenye kanye nezinqumo neziyalelo eziyokhishwa nguNgqongqoshe ngokwezimiselo zesigaba -3 (c) no (e) zoMthetho.
Uma kukhona ukushayisana phakathi kwesimiselo saleNgxenye kanye nesimiselo senye iNgxenye yalezi ziQondiso, isimiselo saleNgxenye yiso esiyoba namandla.
A.1 Ukuze kunikezelwe amandla asebenzayo ezimiselweni eziyizo zoMthethosisekelo ngokuphathelene nezisebenzi zikahulumeni, zonke izisebenzi zilindeleke ukuba zithobele uMgomo weNqubo yokuziPhatha njengoba kumiselwe kulesiSahluko.
A.2 Umgomo uyoba ngumkhombandlela ezisebenzini ngokuthi yini elindeleke kuzo ngokokuziphatha ngendlela, kukho kokubili ekuziphatheni ngokwabo kanye nobudlelwano nabanye. Ukuthobela uMgomo kungalindeleka ukuba kwenze ngcono ubuchwepheshe bokusebenza kanye nokusiza ukuqinisekisa ukwethenjwa kwezisebenzi zikahulumeni.
B.1 Kunesidingo sokuba kunikwe izisebenzi isiqondiso ngokuphathelene nobudlelwano bazo nesishayamthetho, izikhulu zepolitiki nezombuso, ezinye izisebenzi kanye nomphakathi kanye nokukhomba umongo izisebenzi okufanele zenze ngawo imisebenzi yazo, okufanele kwenziwe ukuze kuvikwe ukushayisana kweminako kanye nokuthi yini elindeleke kubo mayelana nokuziphatha kwazo emphakathini nasezimpilweni zazo zangasese.
B.2 Nakuba uMgomo weNqubo yokuziPhatha wahlelwa ukuba uhlanganise konke ngokuphelele, awusiyo inhlanganisela ephelele yemithetho elawula amazinga okuziphatha. Nokho-ke izinhloko zeminyango, ngenxa yesibopho sazo ngokwemigomo yesigaba-7 (b) soMthetho ngokuphathwa nokulawulwa kweminyango yazo kanye nokugcinwa kokuziphatha okugculisayo, phakathi kokunye, zinesibopho sokuqinisekisa ukuthi ukuziphatha kwezisebenzi zazo kuhambisana nokungamagugu kanye nezimiso ezibusa ezokuphatha ezisebenzini zikahulumeni kanye nezinkambiso kanye namazinga alayelwe nguMthetho. Izinhloko zeminyango kufanele futhi ziqinisekise ukuthi izisebenzi zazo zazi ngokugcwele ngalemithetho nanokuthi ziyayemukela ziyilandelele.
B.3 Injongo ngqangi yaloMgomo yinto enobuhle, okungukuthi, ukugqugquzela ukuziphatha okuyisibonelo. Kungakhathaleki-ke ngalokhu, isisebenzi siyotholakala sinecala lokungaziphathi ngendlela kanti singashushiswa ngokuhambisana nesivumelwano esihlanganyelwe esibhekene nalokho uma sephula umyalelo woMgomo wokuziPhatha noma sehluleka wukuhambisana nanoma yimuphi umyalelo wawo.
C.1.5 siyasebenzisana nezinhlaka zomphakathi ezimiswe ngaphansi komthetho noMthethosisekelo ekugqugquzeleni iminako yomphakathi.
C.2.9 siyalivuma ilungelo lomphakathi lokuthola ulwazi, kungahlanganiswa lolo lwazi oluvikelwe ngokubekiwe ngumthetho.
C.3.7 Asibambi qhaza lwemisebenzi yamaqembu ezepolitiki endaweni yokusebenzela.
C.4.12 siyakuhlonipha ukufihleka kwezindaba, imibhalo kanye nezingxoxo, ezifihlwe ngokusemthethweni noma ezithathwa njengeziyisifuba noma eziyimfihlo.
C.5.5 asenzi msebenzi okhokhelayo ngaphandle kokuthola imvume ngaphandle komsebenzi osemthethweni noma sisebenzise impahla yehhovisi ngalowo msebenzi.
irejista isho iRejista yeminako yeziSebenzi eziQokiwe negcinwa ngokwesimiselo sesiqondiso B.
ifomu elilethiwe kusho ifomu elilethwa yisisebenzi esiqokiwe esikhulwini esiphethe esifanele ngokwesimiselo sesiqondiso- C salesi Sahluko, noma nanoma yiyiphi ikhophi yalokho.
a uyogcina irejista ngokwezinjongo zalesi Sahluko, neyobizwa ngeRejista yeMinako yeziSebenzi eziQokiwe, ngendlela eyovunywa yiKhomishani; futhi b uyokwenza leyo misebenzi emayelana nokumiselwa kwalesi Sahluko nanjengoba iKhomishani idinga.
C.3 Noma ngubani oqala ukusebenza njengesisebenzi esiqokiwe ngemuva komhla ka-1 Apreli onyakeni uyawukuveza ezinsukwini ezingamashumi amathathu emva kokuqala ukusebenza ngesikhathi esiyizinyanga eziyishumi nambili ezandulela ukuqalisa ngomsebenzi.
a zesiqondiso -C.
b zesiqondiso -C.2 salesi Sahluko ungakashayi umhla ka-30 Juni 2001; noma c zesiqondiso -C.3 salesi Sahluko zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu emva kokuba inikezelwe.
f izipho kanye nokutetemukiswa okwenziwa ngothizeni ebe engelona ilungu lomndeni; kanye g nobunini kanye neminye iminako ezindabeni zomhlaba nezakhiwo, ngaphakathi noma ngaphandle kweRiphabhuliki.
i Isibalo, uhlobo kanye nokungaba yinani lalezo zabelo zanoma yiyiphi inhlobo kunoma yiyiphi inkampani yomphakathi noma yangasese kanye negama layo; futhi ii uhlobo kanye nenani lanoma yimiphi eminye iminako yezezimali esenkampanini yangasese noma yomphakathi noma nanoma yiyiphi inhlangano eyinkampani kanye negama layo.
b Izikhundla zokuba ngumqondisi kanye nezinhlanganyelo i igama kanye nohlobo lomsebenzi webhizinisi owenziwayo, owenhlangano noma inhlanganyelo; futhi ii uma kwenzeka, isamba somvuzo owatholakala ngaleso sikhundla sokuba ngumqondisi noma ukuba kuleyo nhlanganyelo.
igama kanye nohlobo lomsebenzi webhizinisi yomqashi; kanye iii nesamba somvuzo owatholakala ngalowo msebenzi.
igama, kanye nohlobo lwebhizinisi lwalowo osetshenzelwayo; kanye iii kanye nenani lezinzuzo ezitholakele ngaleyo khonsalthensi noma ukusebenzela othile ngazikhathi.
e Ukuxhaswa i Imvelaphi kanye nesichasiso sokuxhaswa ngqo ngezimali noma usizo; kanye ii nenani lalokho kuxhaswa noma usizo.
isichasiso kanye nenani lezipho ezimvelaphi yazo iyodwa nezedlulayo enanini elingu -R350 ngokuthasiseleka esikhathini esiyizinyanga eziyishumi nambili njengokubhekelelwa esiqondisweni- C salesi Sahluko; kanye nokutetemukiswa okwenziwa njengesipho.
indawo lapho kumi khona; kanye nenani lenzalo.
F.1 Ngokubhekelela isiqondiso- F.
c UMqondisi-Jikelele: weHhovisi leKhomishani yeziSebenzi zikaHulumeni; kanye d nalowo muntu oqokwe yisikhulu esiphethe noma ngusihlalo weKhomishani ngokwezidingo zokumisela ngokugculisayo lesiSahluko.
a kwesisebenzi esiqokiwe ngokumayelana nefomu laso noma umbhalo werejista waleso sisebenzi; noma b komunye umuntu ovunyelwe ukuthola ngokwesiqondiso-F.1 salesi Sahluko noma onikezelwe ilungelo lokuthola ngokwesiqondiso -F.3 salesi Sahluko.
F.3 Noma ngubani, ngaphandle komuntu obhekelelwe esiqondisweni- F.1 salesi Sahluko, anganikezelwa kuphela ukuthola ifomu enikezelwe noma irejista ngokwezimiselo zesigaba -11 soMthetho wokuGqugquzela ukuTholakala koLwazi ka- 2000 (uMthetho uNombolo -2 ka -2000).
F.4 Isisebenzi esaphula isiqondiso -F.2 salesi Sahluko siyoba necala lokungaziphathi ngendlela.
G.1 Uma iKhomishani inombono wokuthi umnako ovezwayo wesisebenzi esiqokiwe novezwe ngokwesimiselo sesiqondiso-C salesi Sahluko, uyashayisana noma kungenzeka ushayisane nokwenziwa kwanoma yimuphi umsebenzi osemthethweni waleso sisebenzi, iyoqinisekisa ulwazi olumayelana nalowo mnako futhi ibonisane naleso sisebenzi.
G.2 Uma emva kwalokho kuqinisekisa kanye nokubonisana, iKhomishani inombono wokuthi kukhona ukushayisana noma lokho kushayisana kungenzeka, iyodlulisela udaba esikhulwini esiphethe esifanele.
a ukuthathwa kwesinyathelo sokuqondisa izigwegwe; noma b ukunikezelwa kwesiyekelelo esisebenzini kubhekelelwe ukushayisana kweminako okuzayo.
a ngokusho ukuthi zikhona yini izinyathelo ezithathiwe; futhi b uma kukhona izinyathelo ezathathwa, sinike isichasiso salezo zinyathelo noma uma kungekho zinyathelo ezathathwa, sinikezele izizathu zalokho.
siyoba necala lokungaziphathi ngendlela.
Ukuqinisekisa ukuphathwa ngokugculisayo komnyango ngamunye ongaphansi kwaso noma owenza imisebenzi eyisipesheli, isikhulu esiphethe siyokwakha isibalo esifanelekile sezikhundla zabaphathi ezisezingeni eliphakeme. Abantu abaphethe lezo zikhundla bayophathwa njengenhlanganisela yezinsizo ezintulekile zenkonzo yonke yezisebenzi zikahulumeni nokufanele zisetshenziselwe iminako emihle yezisebenzi zikahulumeni. Izimiselo zokusebenza zabantu abaphethe lezo zikhundla ziyohambisana nezikhundla zabo njengezimenenja eziphakeme noma osochwepheshe, kanti izenzo zokuqasha ziyoba qotho futhi zibhekelele isidingo sokulungisa ukungalingani kwaphambilini. Yilabo abaphambili kakhulu abayoqokelwa kulezo zikhundla kanti kuyothathwa izinyathelo zokubagcina nokubathuthukisa laba bantu abaqokiwe njengensizo yenkampani.
a ezaziholelwa ezingeni -13 nangaphezulu ngaphambi nje komhla ka-1 Januwari -2001; futhi b abaqokelwa kwi-SMS ngomhla ka-1 Januwari- 2001 noma emva kwalolo lusuku ezikhundleni ezishowo esiqondisweni- II B salesi Sahluko.
B.3 Ukuhlelwa kwamazinga ezikhundla ze-SMS kuyonqunywa ngokohlelo lokuhlolwa komsebenzi olunqunywe nguNgqongqoshe.
C.1 Izikhulu eziphethe ziyoqasha futhi zisebenzise amalungu e-SMS ngaphansi kohlaka olufanayo lwezinkambiso namazinga.
C.2 UMthetho, lezi ziqondiso kanye nemiyalelo ekhishiwe kanye nezinqumo ezenziwe nguNgqongqoshe ngaphansi koMthetho kanye naleziziqondiso kwakha uhlaka olufanayo lwezinkambiso namazinga asebenza emalungeni eSMS.
C.3 Lezi ziQondiso zisebenza kumalungu e-SMS, ngaphandle kwalapho kukhonjwe khona okunye. Uma kuba khona ukushayisana phakathi kwesimiso salesiSahluko kanye nesimiso sanoma yisiphi iSahluko salezi ziQondiso, izimiso zalesi Sahluko yizo eziyoba ngaphezulu.
UNgqongqoshe angafaka noma yikuphi noma konke kwalokhu izinqumo, imiyalelo, imikhombandlela kanye nezimiselo ezisebenza kwi-SMS eNcwajaneni ye-SMS.
Ukugcwaliswa kwezikhala, ukuhlungwa nokuqashelwa kwabantu kwiSMS kuyokwenziwa ngokuhambisana nesigaba-11 soMthetho. Izikhundla kuyozanywa ngakho konke ukuba zigcwaliswe ngokuncintisana okuvulelekile. Ukuhlunga kuyokwandiswa ekubeni kwenziwe ngokwamakhono ukuze kuphuculwe izinga lezinqumo zokuqasha.
B.1 Abantu abasanda kuqashelwa i-SMS bayakuqashwa ngokugcwele noma ngokwesikhashana ezikhundleni zesimo esivunyiwe.
B.2 Lapho abantu beqashelwa kwi-SMS ngokwesikhashana, kuyokuba ngokwesikhathi esimiselwe noma ngokohlelo oluthize.
UNgqongqoshe angakhipha imiyalelo ekutheni izikhundla ze-SMS zingamenyezelwa kanjani kanye nokuthi yimaphi amafomu okufaka izicelo angasetshenziswa; kanye nokufanele kufinyelelwe kukho ukuthola i-SMS emelele ngokubanzi abantu baseNingizimu Afrika, kuhlanganisa nokumelelwa ngokobuhlanga, ubulili kanye nokukhubazeka.
UNgqongqoshe angakhipha imiyalelo ngamakhono ezokuphatha kanye nobuholi kumalungu e-SMS kanye nezinhlelo okufanele zilandelwe ekugcwaliseni lezo zikhundla ze-SMS.
UNgqongqoshe angaletha izinhlelo zokuhlonza nokunakekela abantu abanamathalente ukuze baqokelwe ezikhundleni ze-SMS.
F.1 Umuntu osanda kuqashelwa kwi-SMS ngaphandle kwenhloko yomnyango, uyosayinda inkontileka yomsebenzi neyobe imiselwe ezimisweni zenkontileka ezishiwo eNgxenyeni-2 noma -3 yesiJobelelo-2, kuye ngesimo.
F.2 Inkontileka yomsebenzi yenhloko yomnyango iyohambisana nezidingo ezimiselwe esiqondisweni- VII B.2 yeSahluko -1.
Ukusebenza komuntu oqashelwe isikhundla kwi-SMS kuyophathwa ngokuhambisana nesivumelwano sokusebenza. Leso sivumelwano siyohlanganiswa nezinjongo eziphusile zomnyango futhi iyohambisana nemimo yezinqumo ebalulwe kuleNgxenye.
b siyogqugquzela ukuxhumana okuphucukile phakathi kwalelo lungu kanye nomuntu elibika kuye; futhi c lenze nokuba lowo muntu ilungu elibika kuye akwazi ukuhlola umsebenzi walo anikezele nangokwesekela okufanelekile.
B.3 UNgqongqoshe angakhipha imiyalelo ngokuphathwa kokusebenza kanye nentuthuko yamalungu e-SMS.
B.4 UNgqongqoshe angakhipha imiyalelo eyehlukile yokuphatha ukusebenza kanye nentuthuko yezinhloko zeminyango.
c ukuqinisekisa umholo olinganayo ngomsebenzi olinganayo nohambisana nokuhlolwa kwemisebenzi nokuhlelwa kwayo.
c isidingo sokugcwaliswa kwesikhala kanye nokugcina izisebenzi ezinamakhono adingekayo; kanye d nezinqumo kanye nemiyalelo kaNgqongqoshe okusebenza kwi-SMS.
B.1 UNgqongqoshe uyonquma minyaka yonke mayelana nezimiselo zenkonzo yokusebenza ye-SMS. Lezo zinqumo ziyomiselwa kusukela ngomhla ka-1 Januwari wonyaka nonyaka.
B.2 Noma yisiphi isinqumo noma umyalelo okhishwe nguNgqongqoshe mayelana nezimiselo zenkonzo yokusebenza yamalungu e-SMS, kuyobhekelela iseluleko sethimba elesekwe ngokwezimiselo zesiqondiso -IV C.1.1 salesi Sahluko.
B.3 UNgqongqoshe uyokwazisa ngesinqumo afuna ukusenza ngokwesimiselo sesiqondiso- IV B.1 salesi Sahluko, ukuze kuphawulwe ngaso ezisebenzini zikahulumeni ngaphambi kokuba siqale ukusebenza.
C.1.2 UNgqongqoshe uyomemezela amagama amalungu ethimba, izimiselo zokuhlonza kwalo kanye nesikhathi sabo sokubamba izikhundla ngokwesaziso kuSomqulu.
C.2.1 Ithimba liyokwakhiwa yisibalo sabantu esiyonqunywa nguNgqongqoshe.
C.2.3 Ilungu lethimba liyosebenza ngokwezikhawu.
C.2.4 UNgqongqoshe uyoqoka ilungu elilodwa njengosihlalo kanye nelinye njengephini likasihlalo wethimba.
C.2.5 Uma usihlalo engekho noma ngasiphi isizathu engakwazi ukusebenza njengosihlalo, iphini likasihlalo liyobamba njengosihlalo wethimba.
C.3.1 Amalungu ethimba aqokwe ngenxa yolwazi lwawo ngezindaba ezimayelana nomsebenzi wethimba kufanele akhokhelwe ngokwezilinganiso ezivunyelwe nguMnyango wezeziMali.
C.4.1 Ithimba liyohlangana ngesikhathi nendawo enqunywe ngusihlalo wethimba.
C.4.2 Isinqumo seningi lamalungu ethimba akhona emhlanganweni wethimba siyokwakha isinqumo sethimba kanti uma kuba khona ukulingana emavotini anoma yiluphi udaba, umuntu ongusihlalo walowo mhlangano okukhulunywa ngawo uyoba nevoti elingujuqu ngaphezu kwevoti lokubonisana lalowo muntu.
C.5.1 Umqondisi Jikelele woMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha uyoqoka labo basebenzi boMnyango abangadingeka ukwenza umsebenzi ophathelene nemisebenzi yethimba.
C.5.2 Izindleko ezisebenzile ngokuphathelene nokuhlaziywa noma ukwenziwa kwemisebenzi yethimba ziyokwesulwa ngezimali ezikhishwe yiPhalamende ngalowo msebenzi.
I-SMS iyophathwa ngomdlandla kuyoyonke inkonzo yezisebenzi zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi izidingo zokusebenza kuyahlangatshezwana nazo kanye nokusebenzisa ngokugcwele amakhono amalungu e-SMS. Izikhulu eziphethe ziyohlale zinesibopho ngokusetshenziswa nokuthuthukiswa kwamalungu e-SMS angaphansi kwazo kanye nokulawula ukusebenza kwawo kodwa uNgqongqoshe uyosiza izikhulu eziphethe kuleso sibopho.
a asize ekuthuthelweni kwelungu le-SMS lisuka kwesinye isikhundla noma umsebenzi liya kwesinye isikhundla noma umsebenzi noma lisuka komunye umnyango liya komunye ngokuhambisana nesigaba -14 soMthetho; noma b asize ekuthuthweni kanye nokuthunyelwa kwelungu le-SMS ukuyosebenza isikhashana komunye umnyango ngokuhambisana nesigaba 15 soMthetho.
B.2 Isikhala esivulekile kwi-SMS nesizovalwa ngokuthuthwa ngokwezimiselo zesigaba 14 soMthetho, akudingekile ukuba simenyezelwe ngokwesiqondiso- VII C.2.3 seSahluko- 1.
B.3 Izimo zomuntu oyilungu le-SMS ziyobhekelelwa ngaphambi kokuba athuthwe noma athunyelwe komunye umnyango ngokwezimiselo zesiqondiso- V.B.1 salesi Sahluko.
UNgqongqoshe uyokwengamela izinhlelo zokuthuthukisa futhi asize nezikhulu eziphethe ekuhlomiseni amalungu e-SMS ukubhekana nezibopho zawo. Izinhlelo eziyokwenziwa ziyobe zimiselwe emakhonweni adingwa ngamalungu e-SMS ngokubhekelela izibopho zawo zamanje kanye nezesikhathi esizayo.
b uyohlelela izifundo ezejwayelekile kanye nezinhlelo ukuba zimiselwe ngokubhekelwa kwalezo zidingo zokuqeqeshwa; futhi c ahlale ehlola lezo zifundo nalezo zinhlelo ukubheka ukuthi zisafanelekile yini futhi zisenembuyiselo yini ngokwezimali.
UNgqongqoshe anganikezela ngalolo lusizo nomkhombandlela awubona udingekile ezikhulwini eziphethe ukuze kugqugquzelwe ukusetshenziswa nokuthuthukiswa ngokuphelele kwamalungu e-SMS.
a ayokhombisa amazinga aphakeme okuziphatha ngenkambo elungileyo b ayoba yisibonelo kulabo abangaphansi kwawo futhi ayohlale esezingeni eliphakeme lokusebenza ngobunyoninco nobuqotho ekuhlanganeni nezikhulu zepolitiki kanye nomphakathi; futhi c ayoqinisekisa ukwehliswa kokushayisana kweminako nanokuthi abeka inhlalakahle yomphakathi kuqala ekwenzeni imisebenzi yawo.
B.1 UNgqongqoshe, ngokwalulekwa yiKhomishani, angakhipha imiyalelo ukugqugquzela ukuziphatha ngenkambo elungileyo kumalungu e-SMS kanye nokwengezelela uMgomo weNkambo yokuziPhatha obhekelelwe e-Sahlukweni- 2 kanye noHlaka lokuVeza ezeziMali olubhekelelwe eSahlukweni -3.
B.2 UNgqongqoshe anganikezela ngaleyo mikhombandlela nosizo kumalungu e-SMS njengalokhu ebona kufanele ukwehlisa ukushayisana kweminako kanye ngokugqugquzela ukuziphatha ngobunyoninco.
Ubudlelwano phakathi komqashi nesisebenzi kwi-SMS kuyohlosa ukuvikela amalungelo kanye nenhlalakahle yamalungu ngendlela efanele izikhundla zabo njengezisebenzi zezinga eliphakeme.
Ilungu le-SMS liyokwexwaya noma yikuphi ukushayisana kweminako okungenzeka ekumeleleni inhlalakahle yomnyango walo kanye nasekubeni yilungu lenyunyana yezisebenzi njengoba kuchazwe esigabeni -213 soMthetho wezobuDlelwano neziSebenzi. UNgqongqoshe angathatha lezo zinyathelo azibona zifanelekile ukusiza amalungu e-SMS ukuba agweme lokho kushayisana.
UNgqongqoshe angayimisela inhlangano yamalungu e-SMS ukugqugquzela inhlalakahle yawo njengamaphrofeshinali.
UNgqongqoshe, ngokubhekelela uMthetho wobuDlelwano neziSebenzi, angakhipha imiyalelo yokumisela izindlela zokulawula ukungaziphathi ngendlela kanye nokugogeka kumalungu e-SMS.
Izikhulu eziphethe ziyobhekelela ukunqamula ukusebenza kwamalungu e-SMS ngendlela enokulunga kulabo bantu abathintekile futhi ibhekelela nenhlalakahle yomphakathi. UNgqongqoshe angasiza izikhulu eziphethe ukuba zenze ngokufanelekile.
UNgqongqoshe angakhipha imiyalelo aphinde anike imikhombandlela ezikhulwini eziphethe ngezindlela okufanele zilandelwe kanye nezinzuzo okumele zikhokhwe uma kunqanyulwa ukusebenza kwamalungu e-SMS.
Iminyango iyolawula ubuchwepheshe bezolwazi ngokuphelele nangokugculisayo. Inqubomgomo yeBatho Pele yokunikezela ngokulinganayo imisebenzi, ukwandiswa kwensebenzo kanye nokwehliswa kwezindleko yikho okuyoba nezwi ekutholakaleni, ekulawulweni kanye nasekusetshenzisweni kobuchwepheshe bezolwazi. Ubuchwepheshe bezolwazi buyosetshenziswa njengethuluzi lokutholakala kokuhlinzekwa kwemisebenzi yinkonzo yezisebenzi zikahulumeni ngakho-ke akuyukutholelwa nje ukuba kube khona kuphela.
b insebenzo yomnyango; kanye c nokwehliswa kwezindleko zomnyango.
Njengoba inkonzo yezisebenzi zikahulumeni izilungiselela inkambiso yokuhlinzeka izinsizakalo ngendlela yama-elekhthronikhi, isidingo sohlobo olwahlukile lokuvikeleka kolwazi enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni siba yimpoqo. Lokhu kungumphumela wokungenzeka ekuhlanganiseni imisebenzi kahulumeni nokuzokwencika kakhulu ekuvikelekeni kolwazi kuleyo naleyo nxenye yoxhaxha lokuphatha lomsebenzi kahulumeni. Ukwephulwa kokuvikeleka emisebenzini ehlanganisiwe kaHulumeni kungaba nemiphumela ekhubazayo ekuhlinzekeni kwemisebenzi yinkonzo yezisebenzi zikahulumeni, lokho okungabangela ukukhathazeka okukhulu kubasebenzisi baleyo misebenzi. Ukuphusa nokubaluleka kakhulu kolwazi ngemisebenzi yomphakathi kanye nokuvikeleka kwalo kudinga ukunakwa okufanelekile ngokomthetho.
B.1 UNgqongqoshe, ngokubonisana noNgqongqoshe wezobuNhloli, uyomisela amaZinga aPhansi aVunyelwe okuVikeleka koLwazi (okubizwa nge-MISS lapha) ezisebenzini zikahulumeni lokho ayokwenza ngencwajana eyobizwa ngokuthi uMbhalo Amazinga Amancane Olwazi Lokuphepha.
B.2 Noma ngubani osebenza ngemithombo yezolwazi ezisebenzini zikahulumeni uyohambisana ne-MISS.
B.3 Inhloko yomnyango ingacela ukukhululwa esimiselweni se-MISS. Leso sicelo siyokwethulwa kuNgqongqoshe. UNgqongqoshe, ngokubonisana noNgqongqoshe wezobuNhloli, uyovumela lesi sicelo sokukhululwa uma ukukhululwa lokho kuthathwa njengokunesidingo ekusebenzeni ngokugculisayo kwalowo mnyango noma ingxenye yawo.
Uhlaka olumiselwe nguNgqongqoshe, ngokubonisana noNgqongqoshe wezobuNhloli, luyohlala ngazikhathi luqinisekisa ukuthi umnyango ngamunye uyahambisana ne-MISS.
D.1 Inhloko yomnyango iyoqinisekisa ukugcinwa ukuqashelwa kokuvikeleka kolwazi ngazo zonke izikhathi emnyangweni.
D.2 Uma ukungahambisani ne-MISS kuthola ukwaziwa esisebenzini somnyango, siyobika ngokushesha enhlokweni yomnyango noma esisebenzini esiqokelwe lowo msebenzi yileyo nhloko.
D.3 Ngazo zonke izikhathi uma kuba khona ushintsho kanye/noma uguquko ohlelweni lolwazi lwenkonzo yezisebenzi zikahulumeni, lolo luhlelo luyoqinisekiswa njengoluhambisanayo ne-MISS.
b isu elikhomba ukuthi zizolungiswa kanjani izehlakalo zokungahambisani nokuthi zingavikelwa kanjani izehlakalo ezifuze lezo ngokuzayo; kanye c nombiko wokukhululwa kukho konke ukukhululwa okwanikezelwa ngaphansi kwesiqondiso -B.3 yaleNgxenye kanye nakho konke ukuphuma ezimiselweni zeMISS ngenxa yalokho kukhululwa.
Ukwakha nokuhlale kuvuselelwa ngokuqhubekayo amazinga aphansi emukelekile ngokusebenzelana kubangelwa ngukuphelelwa yisikhathi okushesha kakhulu kobuchwepheshe bolwazi lokuxhumana, ukubiza kakhulu kwemikhiqizo nemisebenzi yobuchwepheshe bolwazi lokuxhumana, kanye nenqwaba yemikhiqizo yobuchwepheshe bolwazi lokuxhumana engahambelani esezimakethe. Uma ukusebenzelana kungalawulwa ngokucophelela lamaphuzu angaholela ekutheni inkonzo yezisebenzi zikahulumeni itshale emikhiqizweni nasemisebenzini yobuchwepheshe bolwazi lokuxhumana evimbela ukuhlinzekwa kwezinsizakalo okugculisayo. Kubalulekile ukuhambisana okuphoqelelwe kuyoyonke iminyango namazinga aphansi avunyelwe okusebenzelana ezisebenzini zikahulumeni ukuze kube nokuhlinzekwa kwemisebenzi okungenamphetho nokuhlangene.
b ukuhlangana kwemininingwane; kanye c nokufinyeleleka kolwazi mayelana namabhrawuza neziboniso.
a leyo naleyo ngxenye yohlelo lolwazi eyenziwe kabusha noma etholelwe inkonzo yezisebenzi noma ukukhushulwa kwezinga lanoma yiluphi uhlelo lolwazi lwenkonzo yezisebenzi zikahulumeni; kanye b noma yiluphi uhlelo lwaphambilini oluyingxenye yokuhlinzekwa kwemisebenzi yama-elekhthronikhi enkonzweni yezisebenzi zikahulumeni.
C.2 Inhloko yomnyango iyohlanganisa ukuhambisana ne-MIOS endleleni yokuvunywa kwezinhlelo zemisebenzi yomnyango. i-MIOS iyosetshenziswa ekucwaningweni nasekubuyekezweni kohlelo lomsebenzi.
Ngokwenjongo yokuncoma kuNgqongqoshe amazinga amasha noma izichibiyelo noma ukwesulwa kwamazinga akhona, iBandla le-GITO liyohlale libuyekeza i-MIOS.
Umbiko wonyaka wezimali ophela ngomhla ka-31 Mashi- 2001, nobalulwe esiqondisweni- III J.
a Ukuhlela nokuhlinzekwa kwezinsizakalo i Amagunya ngqangi, imisebenzi kanye nezinjongo zomnyango.
Amazinga emisebenzi ngezinjongo ngqangi kanye nemiphumela etholakele ngokuhlangabezana nalawo mazinga.
b Inhlangano i Uhlaka lokwakheka komnyango kanye nesimo esivunyiwe.
Isibalo sezisebenzi kanye nezikhala ezikhona, ngokwengxenye ngayinye, izinga kanye nohlobo lokuqashwa.
Isibalo sabantu abaqashiwe abangaphezulu kwesimo esivunyelwe.
c Ukuhlolwa komsebenzi i Ngokwe-CORE, isikhundla nezinga, isibalo sezikhundla ezihloliwe, ezikhushuliwe kanye nezehlisiwe.
Isibalo sezisebenzi abamiholo yabo iyaledlula izinga elinqunywe ngokuhlolwa komsebenzi kanye nezizathu zalokhu kuphuma endleleni ngokwe-CORE kanye nesikhundla.
d Umholo i Iphesenti lesabelo zimali, kungabalwa izinkokhelo zokwedluliswa, imali ekhokhelwe indawo kanye nezakhiwo, kanjalo nezinhlobonhlobo zezinkokhelo, elisetshenziswe ngazozonke izindleko zezisebenzi, imali ekhokhelwe ezokuphatha kanye nemisebenzi yobunyoninco naleyo eyisipesheli.
Izindleko zezisebenzi ngemigamu ka R20 000 ngokobuhlanga, ubulili, ukukhubazeka, i-CORE kanye nezikhundla.
Iphesenti lezindleko zonke zezisebenzi elisetshenziswe kwi-SMS.
Izindleko zesikhathi esengezelelwe, izibonelelo kanye nezinzuzo ngokwephesenti lazozonke izindleko zezisebenzi.
Inqubekelaphambili esiyenziwe ukumisela uhlelo lokufukula labo ababencishwe amathuba phambilini njengokubhekelwa esiqondisweni-III D.2 seSahluko-1.
Isibalo sezisebenzi eziqashwe ngokwezinga kanye nesikhundla, esikhonjiswe ngokobuhlanga, ubulili kanye nokukhubazeka.
Isibalo sezisebenzi ezikhushulwe ngokwezinga kanye nesikhundla, esikhonjiswe ngokobuhlanga, ubulili kanye nokukhubazeka.
v. Isibalo, izikhundla kanye namazinga abaqashwa abavele kwamanye amazwe.
Izisebenzi ezathola imiklomelo ngokusebenza, ezikhonjiswe ngokwezinga, I-CORE, isikhundla, uhlanga, ubulili kanye nokukhubazeka.
Lokho okufanele kufinyelelwe kukho ngokwesu lokuqeqesha kanye nenqubekelaphambili esiyenziwe ukufinyelela kulokho okubekiwe.
Isabelo sokuqeqesha esabelweni zimali somnyango kanye nezamba zangokoqobo ezisetshenzisiwe kulokho okufanele kufinyelelwe kukho kwezokuqeqesha, okukhonjiswe ngokobuhlanga, ubulili, ukukhubazeka kanye nesikhundla ezingeni ngalinye kwi-CORE ngayinye.
iv. Isibalo, (i) ngaphandle kanye- (ii) nangaphakathi, kanye nezinhlobo zokuoqeqesha ezimiselwe.
v. Isibalo kanye nohlobo lwezehlakalo zokulimala, ukugula kanye nokufa okwenzeke ngesikhathi somsebenzi osemthethweni noma endaweni yokusebenza.
g Isibalo kanye nesihloko sodaba lwezivumelwano ezihlanganyelwe okungenwe kuzo.
h Ikhefu lokugula i Indinganiso yezinsuku zekhefu lokugula elithathwe ngizisebenzi bomnyango, ekhonjiswe ngokwamazinga kanye nezikhundla.
Isibalo esiphelele sezinsuku zekhefu lokugula ezithathwe yizisebenzi zomnyango.
Izindleko ezilinganisiwe emnyangweni ngenxa yekhefu elithathwe kanjalo.
Isibalo sezisebenzi ezathatha ngaphezu kwezinsuku eziyishumi nanhlanu ezilandelanayo zokugula onyakeni obuyekezwayo.
i Isibalo sezisebenzi ezakhululwa ngenxa yempilo ebuthakathaka.
Phezu kwesiqondiso -VII.
a Zonke izikhala ezivulekile ezimenyezelwe ngaphambi komhla ka-1 Julayi -1999 mayelana nazo zonke izikhundla okufanele zigcwaliswe ngalelolanga noma ngaphambi kwalo, ziyogcwaliswa ngokuhambisana nezimiselo, imitheshwana kanye nezidingo ezisebenzayo futhi ezisemthethweni ngaphambi nje kwalolo lusuku; futhi b Izikhala ezivulekile ziyomenyezelwa ngokuhambisana neSekhula uNombolo- 2/3/1/3/P eyakhishwa kuMqondisi-Jikelele: Inkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha ngomhla ka-24 Mashi- 1999, kuze kube uNgqongqoshe usekhiphe imiyalelo ngaphansi kwesiqondiso- VII C.2.7.
Ngaphezu kwesiqondiso -VII.E seSahluko- 1, iminyango iyoqhubeka kuze kube ngumhla ka-31 Mashi 2001 ukusebenzisa ifomu- uZ187 ukunikezela umbiko obhaliwe kulabo abasebenza sakuvivinywa njalo ngamakwata.
Ngaphezu kwesiqondiso -VIII seSahluko- 1 nokubhekelelwa kwanoma yiziphi Izivumelwano ezihlanganyelwe, uhlelo lokuhlowa kwezisebenzi, ukuhlolwa kwemibongo kanye nezinkomba ngabantu, kuhlanganisa nanoma yimiphi imiklomelo yokubongwa kanye noklonyeliswa ngokukhushulelwa eqophelweni eliphezulu lomholo, kuyoqhubeka nokusebenza kuze kube kumhla ka-31 Disemba- 2000, ngaphandle uma umnyango usukulungele ukumisela uhlelo ngosuku olunganeno, nokuyosho ukuthi uhlelo lokuphathwa kokusebenza lungamiselwa nanganoma yiluphi usuku phakathi komhla ka-1 Julayi -1999 kanye no 1 Apreli- 2001.
leso sinqumo singenziwa ngazikhathi kunoma ngabe yiliphi kulawo mafomu.
Noma yiliphi ifomu elibhekelelwe esigatshaneni- 5 lingachibiyelwa nguNgqongqoshe ngesaziso kusoMqulu.
igama eliphelele lomphathi sikhundla wezepolitiki ngokwesikhundla sokuba yisiKhulu esiPhethe so...
Umqashi lapha uqasha iSisebenzi, esivumayo futhi samukele ukuqashwa njengeNhloko yoMnyango we (igama leHhovisi, uMnyango, iNgxenye yeNhlangano noma uMnyango wesiFundazwe) ngokwezimiselo zesiGaba- 12 soMthetho weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni ka -1994 (lapha obizwa ngoMthetho) isikhathi seminyaka engu ...(... izinyanga zekhalenda) kusukela ngomhla ka ... kuye kunqamuke ngomhla ka...
Isisebenzi sizobophezeleka ukulawulwa nokuphathwa okuqeqeshekile ko (igama leHhovisi, uMnyango, iNgxenye yeNhlangano noma uMnyango wesiFundazwe) njengokucetshwa yisigaba- 7 (b) ngokufundwa nesigaba- 7 soMthetho nanjengoba sikhonjwe esiVumelwaneni sokuSebenza esishiwo emshwaneni -7.
Isisebenzi siphinde sibophezeleke ukusebenzisa amagunya kanye nokwenziwa kwemisebenzi ephathiswe inhloko yomnyango ngokuvamile noma kulowo ophethe njengamanje njengeNhloko yoMnyango we (igama leHhovisi, uMnyango, iNgxenye yeNhlangano noma uMnyango wesiFundazwe) ikakhulukazi ngokwezimiselo zoMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ka- 1996 (uMthetho uNombolo -108 ka -1996), uMthetho noma yimuphi omunye umthetho.
isikhathi sokusebenza ngokuvivinywa esiyizinyanga eziyishumi nambili, ngaphansi kwesigaba -13 soMthetho; kanye nokuletha kwesiSisebenzi izitifiketi zangokoqobo zamakhwalifikheshini aso emfundo kanye nawezobunyoninco, izitifiketi zokusebenza kanye nesiqinisekiso sokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika.
Noma yiziphi izindaba eziqubuka kulenkontileka, nezingamiselwe ngqo khona lapha, kuyobhekanwa nazo ngokuhambisana nemibandela yoMthetho, iziQondiso zeNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni zika- 2001, (nezibizwa ngeziQondiso lapha) kanye nanoma yimiphi eminye imibandela yomthetho ephathelene nesiSebenzi.
Inkokhelo eyotholwa yisiSebenzi kusukela ngelanga lokuqala umsebenzi njengoba kushiwo kumshwana- 1 ngaphezulu, yileyo echazwe kwiSengezo A.
Umholo kanye nezinzuzo kuyokhokhwa ngeziqephu ezilinganayo njalo ngenyanga, izinyanga eziyishumi nambili.
Izimiselo ezejwayelekile zokusebenza kanye nezinzuzo ezichazwe kwiSengezo- A, ziyolayezelwa futhi zihlinzekelwe ngokuhambisana noMthetho kanye neziQondiso. Labo abathintekayo kuleNkontileka bayakwemukela ukuthi izimiselo ezejwayelekile nokusebenza kanye nezinzuzo ezikwiSengezo- A kungenzeka zishintshwe ngazikhathi ngezinqumo kanye nemiyalelo kaNgqongqoshe weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni kanye nezokuPhatha.
Ngaphansi kwesigaba -7 soMthetho, isiSebenzi siyofanelwa ngukubamba iqhaza kwezinye izinzuzo kanye namalungelo ayisipesheli avame ukunikezelwa kwiNhloko yoMnyango uma nje lokho kuhlelwe ngokuhambisana naleNkontileka noma eminye imitheshwana eqondene nalokho.
Uma kudingeka ukuba senze imisebenzi esemthethweni kude nekomkhulu laso, iSisebenzi siyohamba ngezindleko zoMqashi futhi siyokhokhelwa inkokhelo yokuziphilisa ngokuhambisana nezimiselo ezibekiwe.
Isisebenzi siyakuvuma ukuthi sizejwayezile nemibandela yesigaba- 3B no- 12 soMthetho.
Ekufinyeleleni esikhathini sobudala sokuthatha umhlalaphansi (noma okokuzikhethela kwaphambilini).
Ekuphothuleni isikhathi noma isikhathi sokuphatha eseluliwe.
Ekuthatheni umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi okucelwe yiso isiSebenzi.
Ukukhululwa ngokwezimiselo zanoma yiziphi izigatshana zesigaba -17 soMthetho.
Ukunqunywa kabusha kwesikhathi esasibekiwe noma isikhathi eseluliwe sokuphatha nguMqashi.
Impesheni kanye nezinye izinzuzo ezikhokhwayo kuhlangene ngqo nesigaba esithile soMthetho esisetshenziswayo, njengokulawulwa uMthetho wesiKhwama seziMpesheni seziSebenzi zikaHulumen ka- 1996, iziqondiso ezimenyezelwe lapho njengoqondene neNhloko yoMnyango kanye neziQondiso.
siyonikezelwa ngokubhaliwe; futhi siyonikezelwa osukwini noma ngaphambi kosuku logcina enyangeni siqale ukusebenza osukwini lokuqala lwenyanga elandelayo.
Uma isaziso sokunqamula sinikezelwe njengoba kucetshwe esigatshaneni 4.3, uMqashi unelungelo lokucela isiSebenzi ukuba siphume ehhovisi esihleli kulo futhi siphume nasemagcekeni oMnyango ngaphambi kokuphela kwesikhathi sesaziso sezinyanga ezintathu ngosuku olubekwe nguMqashi futhi singabe siseza emsebenzini noma yinini emva kwalokho.
Uma uMqashi esebenzisa izimiselo zesigatshana- 4.4, isiSebenzi siyobe sisenalo ilungelo kuzozonke izinzuzo njengoba ziqukethwe emitheshwaneni emiselwe.
Esimweni sokusebenza ngokungagculisi noma ukungaziphathi ngendlela, uMqashi angathatha izinyathelo ukubhekana nodaba ngokuhambisana nomthetho ofanele wezisebenzi kanye nanoma yimuphi umyalelo okhishwe nguNgqongqoshe.
Umqashi uyobonisana ngokubhaliwe nesiSebenzi okungenani ezinyangeni ezimbili zekhalenda ngaphambi kokuphela kwesikhathi sokuphatha esicetshwe esigatshaneni- 1 (ngaphezulu) ngokuthi uphakamisa ukusigcina isiSebenzi emsebenzini isikhathi esaluliwe esingedluli eminyakeni emihlanu (izinyanga ezingu- 60 zekhalenda), noma cha. Uma isiSebenzi saziswa ngaleyo nhloso yokuthi sigcinwe emsebenzini isikhathi esaluliwe, siyokwazisa uMqashi ngokubhaliwe, esikhathini esiyinyanga eyodwa yekhalenda kusukela osukwini lwalokho kukhulumisana, ngokuthi siyasamukela yini noma cha isikhathi eseluliwe sokuqashwa.
Lapho kuba khona ukuvumelana ukuthi isiSebenzi sizophinde sisayinde enye iNkontileka ekunqamulweni noma ekuphothulweni kweNkontileka yaso, ukuqhubeka kokusebenza kwesiSebenzi kuyokwamukelwa ngaphansi kweNkontileka entsha ukuze kugwenywe ukunqamuka kokusebenza futhi nanoma yiziphi izinzuzo ezilinganiselwe ziyoqhutshezelwa kwiNkontileka entsha.
Uma uMqashi engasivuseleli isikhathi senkontileka ngaphezu kwesikhathi esasimiselwe ekuqaleni njengoba kushiwo emshwaneni- 1 ngaphezulu, isisebenzi siyoba nelungelo lempesheni kanye nezinye izinzuzo eziqondene ngqo naleso sigaba somthetho esisetshenziswayo.
asinakusebenzisa, ngesikhathi sisaqashiwe noma ngasiphi-ke esinye isikhathi emva kwalokho, nanoma yimaphi amarekhodi achazwe kanjalo futhi atholakale ngenxa yokuqashwa kwaso, ukulimaza uMbuso, ngaphandle kwalapho esetshenziswa ekutholeni noma ekuvikeleni yinoma yiliphi ilungelo, noma ukulindela okusemthethweni, nokunikezelwe ngumthetho.
a letha kuMqashi, uma sicelwa nguMqashi ngesikhathi sokuqashwa kwaso noma ekunqanyulweni kokuqashwa kwaso, nanoma yiliphi irekhodi elichaziwe futhi elisezandleni zesisebenzi ngenxa yokuqashwa kwaso; futhi b asiyukugcina nanoma yimaphi amakhophi noma okucashunwe kulawo marekhodi, ngaphandle-ke uma kuvume uMqashi; futhi siyohambisana noMgomo wokuziPhatha omiselwe.
siyavumelana nokuthi lesi sigatshana, uma kubhekwa zonke izimo ezifanelekile, siphusile futhi sidingekile ukuze kuvikelwe ngokuyikho inhlalakahle yoMqashi kanye noHulumeni weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika nokuthi uma singake siphikisane nokuphusa kwalesi sigatshana noma ngasiphi isikhathi, isibopho sokufakazela ukungaphusi kwalesi sigatshana kuyoba ngumthwalo waso; futhi siyakuvuma ukuthi singene kule Nkontileka ngokukhululeka kanye nokuzikhethela nokuthi akukho zimo ezikhona noma ezike zaba khona ezenza ukuba sigomele manje noma ngasiphi isikhathi esikhathini esizayo ukuthi sabe sisesimweni esisicindezelayo ukuba sivumele izithiyo ezibekwe kulesisigatshana noma sabe singekho esimweni esilinganayo sokubonisana noMqashi ekuvumeleni lezo zithiyo.
Ukukhushulwa komholo kuyomiselwa ensebenzweni yesiSebenzi. Insebenzo iyohlolwa ngokuhambisana nezibopho kanye nezindawo zensebenzo ezisemqoka eziqukethwe esivumelwaneni sensebenzo kanye nasekutheni isiSebenzi sihambisane kangakanani nazo, kanjalo nanoma yiyiphi imiyalelo uNgqongqoshe weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha angayikhipha. Ukukhushulwa kwamaholo esiSebenzi kuyomiselwa ekubonisaneni nomuntu. IsiSebenzi kanye noMqashi banesibopho sokubonisana mayelana nokukhushulwa komholo kanye nebhonasi yemali ngaphakathi kwezithiyo zesabelo zimali esimiselwe ensebenzweni yesiSebenzi. Ukukhushulwa komholo nebhonasi yemali yesiSebenzi kuyomiselwa ezinqumeni, imiyalelo kanye nemikhombandlela ekhishwe nguNgqongqoshe weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha.
Isivumelwano saminyaka yonke sensebenzo esicetshwe ngokwezimiselo zesigatshana-7.1 ngenhla nesihlanganiswe nonyaka wezimali othizeni, nesichaza ngokusobala izindawo zensebenzo, imimo yezinqumo, okufanele kwenzeke eMnyangweni kanye nesiSebenzi kufanele kungenwe kuso ngesikhathi sokusebenza kwaleNkontileka. Njengoba izivumelwano zensebenzo zihlanganiswe nonyaka wezimali, kufanele kungenwe kuso ungakashayi umhla ka-30 Ephreli minyaka yonke yaleNkontileka. IsiSebenzi kufanele singene esivumelwaneni sensebenzo saso sokuqala zingakapheli izinyanga ezintathu ngemva kokuqala umsebenzi. Ngokwezimiselo zeziQondiso zeNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni- VII B.2, uMqashi uyoqopha ukunikezelwa kwamandla kanye/noma amagunya esivumelwaneni sensebenzo.
Isivumelwano sensebenzo siyobuyekezwa uma, noma ngasiphi isikhathi ngesikhathi sokuphatha, umsebenzi noma isimo soMnyango sishintshwa ngangokuthi (noma ngesizathu sesinqumo sikaHulumeni noma abaphathi noma ngokunye) okuqukethwe yiso akusafanelekile.
Le nkontileka ihlangene ncimishi nesivumelwano sensebenzo esicetshwe ku-7.1 ngenhla. Uma isiSebenzi singasebenzi ngokugculisayo mayelana nezidingo zesivumelwano saso sensebenzo, isiSebenzi siyakuvumela ukuthi uMqashi angasithathela izinyathelo ngokuhambisana nendlela equkethwe ngumthetho ofanele wezizisebenzi kanye nanoma yimuphi umyalelo okhishwe nguNgqongqoshe.
Ekumiselweni kwaleNkontileka, izinhlangothi zombili ziyazibophezela ekuziphatheni kahle futhi zethembisa ukuthi ekusebenzisaneni kwazo, aziyukwenza futhi angeke zingenzi okuthile okungalimaza noma kwephule amalungelo, impahla noma iminako yomunye phakathi kwabo.
Noma yiziphi izindaba eziqubuka kulenkontileka, nezingamiselwe ngqo khona lapha, kuyobhekanwa nazo ngokuhambisana nemibandela yoMthetho, njengoba uchitshiyelwe, iziQondiso esezishiwo kanye neminye imithetho yezisebenzi.
Ukuhumushwa kwaleNkontileka kuyolawulwa yimithetho kanye nemigomo esebenza eRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika.
Isisebenzi siyazinikela emandleni eziNkantolo zeRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika uma kuba khona ukuyisana emthethweni okuqutshulwa yizimiselo zale Nkontileka.
Akuyukuba ngukwaphula iNkontileka uma olunye uhlangothi kuleNkontileka livinjelwa noma linqindwa ekusebenzeni noma ekubhekeleleni izibopho zalo ezilapha ngokoMthetho wePhalamende noma okunye ukwenza koMbuso noma ngasiphi isizathu noma isigameko esingekho emandleni alolo hlangothi.
INkontileka iyikho konke okuyisivumelwano phakathi kwezinhlangothi ezisayinda leNkontileka, mayelana nodaba lwaleNkontileka, ngaphandle kwalokho okubekiwe, akukho sichibiyelo, luguquko, sengezo noma kwehluka kwanoma yiliphi ilungelo, isivumelwano noma isimiselo kuleNkontileka esiyoba namandla noma nagunya ngaphandle kokuba kubhalwe phansi futhi kwasayindwa yizinhlangothi zombili zaNkontileka.
Izinhlangothi zombili ziyavuma ukuthi akukho zimiselo, zethembiso noma zikhalazo, noma kwenziwe ngomlomo noma okubhaliwe futhi okushiwo noma okugudliselwe noma okunye, ngaphandle kwalokho okuqukethwe kuleNkontileka, eMthethweni, eziQondisweni kanye neminye imithetho efaneleyo (ngokwesibonelo uMthetho wesiKhwama seziMpesheni zeziSebenzi zikaHulumeni).
Akukho kudedelwa kwanoma yiziphi izivumelwano nezimiselo zaleNkontileka okuyobophezela nganoma yisiphi isizathu ngaphandle kokuba kwenziwe ngokubhalwa futhi kwasayinwa nguhlangothi olunikezela lokho kudedela kanti noma ngabe yikuphi ukudedela kuyosebenza kuphela ezimweni ezithizeni nangezizathu ezinikiwe. Akukho kwehluleka noma ukubambezela kwanoma yiluphi uhlangothi ekusebenziseni ilungelo, amandla noma igunya okuyovimbela noma yikuphi okunye noma ukuqhubeka nokusebenzisa lokho noma ukusebenzisa noma yiliphi ilungelo, amandla noma igunya.
Inombolo yefeksi kuya ngokuthi uhlangothi lubika noma yiluphi uguquko ekhelini lalo kwelinye ikheli lokuhlala, eleposi noma inombolo yefeksi ngesaziso esibhaliwe kwelinye uhlangothi. Lolu luguko kwekheli luyoqala ukusebenza emva kwezinsuku eziyisikhombisa leso saziso soguquko lwekheli.
ziyokwenziwa ngokubhalwa; futhi ziyokwethulwa siqu noma zithunyelwe ngeposi elikhokhelwe labhaliswa; futhi uma zethulwe siqu, zithathwe ngokuthi zitholakale ngelanga lokwethulwa kwazo; noma uma zithunyelwe ngeposi elikhokhelwe labhaliswa, zithathwe ngokuthi zitholakale ezinsukwini ezintathu zokusebenz emva kokuposwa ngaphandle uma kungenjalo futhi kunesiqinisekiso; noma uma zithunyelwe ngefeksi, zithathwe ngokuthi zitholakele osukwini lokuqala lokusebenza osukwini olulandela ukuthunyelwa kwefeksi ngaphandle uma kungenjalo futhi kunesiqinisekiso.
ISAYINWE nguMqashi e osukwini luka ...lwenyanga u...
ISAYINWE yisiSebenzi e osukwini luka ... lwenyanga u...
UHulumeni weRiphabhuliki yaseNingimu Afrika, lapha omelelwe ngu- (igama eliphelele le si Khulu esiPhethe noma ummeleli waso) ngokwesikhundla sokuba ngu-...
no igama eliphelele njengelungu leSMS ngokwesikhundla sokuba (yisho isikhundla) (lapha esibizwa ngesiSebenzi).
UMqashi lapha uqasha isiSebenzi, esivumayo futhi samukele ukuqashwa njengelungu leSMS ngokwezimiselo zesigaba- 9 soMthetho weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni ka 1994 (lapha obizwa ngoMthetho) kusukela ngosuku lomhlaka Ukuqashwa kwesiSebenzi kanye nezimiselo zenkonzo yokusebenza ziyolawulwa nguMthetho, iziQondiso zeNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni zika 2001 (lapha ezibizwa ngeziQondiso) kanye nanoma yiziphi izimiselo zomthetho ezifanelekile esiSebenzini.
isiSebenzi kungenzeka ukuba kudingeke senze eminye imisebenzi noma sisebenze kwezinye izindawo ezingalayelwa ngokunesizathu nguMqashi; futhi noma yiziphi izindaba eziqubuka kulenkontileka, nezingamiselwe ngqo khona lapha, kuyobhekanwa nazo ngokuhambisana nemibandela yoMthetho, iziQondiso kanye nanoma yimiphi eminye imibandela yomthetho ephathelene nesiSebenzi.
Inkokhelo eyotholwa yisiSebenzi kusukela ngelanga lokuqala lomsebenzi njengoba kushiwo kumshwana -1 ngaphezulu, yileyo echazwe kwiSengezo- A.
Umholo kanye nezinzuzo kuyokhokhwa ngeziqephu ezilinganayo njalo ngenyanga, izinyanga eziyishumi nambili.
Izimiselo ezejwayelekile zokusebenza kanye nezinzuzo ezichazwe kwiSengezo A, ziyolayezelwa futhi zihlinzekelwe ngokuhambisana noMthetho kanye neziQondiso. Izinhlangothi ezithintekayo kuleNkontileka ziyakwemukela ukuthi izimiselo ezejwayelekile nokusebenza kanye nezinzuzo ezikwiSengezo- A kungenzeka zishintshwe ngazikhathi ngezinqumo kanye nemiyalelo kaNgqongqoshe weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni kanye nezokuPhatha.
Uma kudingeka ukuba senze imisebenzi esemthethweni kude nekomkhulu laso, iSisebenzi siyohamba ngezindleko zoMqashi futhi siyokhokhelwa inkokhelo yokuziphilisa ngokuhambisana nezimiselo ezibekiwe.
Ekufinyeleleni esikhathini sobudala sokuthatha umhlalaphansi (noma okokuzikhethela kwaphambilini).
Ekuthatheni umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi okucelwe yiso iSisebenzi.
Ukukhululwa ngokwezimiselo zanoma yiziphi izigatshana zesigaba- 17 soMthetho.
Uma isaziso sokunqamula sinikezelwe njengoba kucetshwe esigatshaneni -3.1.3, uMqashi unelungelo lokucela isiSebenzi ukuba siphume ehhovisi esihleli kulo futhi siphume nasemagcekeni oMnyango ngaphambi kokuphela kwesikhathi sesaziso ngosuku olubekwe nguMqashi futhi singabe siseza emsebenzini noma yinini emva kwalokho.
Uma uMqashi esebenzisa izimiselo zesigatshana -3.3 isiSebenzi siyobe sisenalo ilungelo kuzozonke izinzuzo njengoba ziqukethwe emitheshwaneni emiselwe.
Esimweni sokusebenza ngokungagculisi noma ukungaziphathi ngendlela, uMqashi angathatha izinyathelo zokuluphatha udaba ngokuhambisana nomthetho ofanele wezisebenzi kanye nanoma yimuphi umyalelo okhishwe nguNgqongqoshe.
asinakusebenzisa, ngesikhathi sisaqashiwe noma ngasiphi-ke esinye isikhathi emva kwalokho, nanoma yimaphi amarekhodi achazwe kanjalo futhi atholakale ngenxa yokuqashwa kwaso, ukulimaza uMbuso, ngaphandle kwalapho esetshenziswa ekutholeni noma ekuvikeleni yinoma yiliphi ilungelo, noma ukulindela okusemthethweni, nokunikezelwe ngumthetho.
siyo a letha kuMqashi, uma sicelwa nguMqashi ngesikhathi sokuqashwa kwaso noma ekunqanyulweni kokuqashwa kwaso, nanoma yiliphi irekhodi elichaziwe futhi elisezandleni zesisebenzi ngenxa yokuqashwa kwaso; futhi b asiyukugcina nanoma yimaphi amakhophi noma okucashunwe kulawo marekhodi, ngaphandle-ke uma kuvume uMqashi; futhi siyohambisana noMgomo wokuziPhatha omiselwe.
siyavumelana nokuthi lesisigatshana, uma kubhekwa zonke izimo ezifanelekile, siphusile futhi sidingekile ukuze kuvikelwe ngokuyikho inhlalakahle yoMqashi kanye noHulumeni weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika nokuthi uma singake siphikisane nokuphusa kwalesisigatshana noma ngasiphi isikhathi, isibopho sokufakazela ukungaphusi kwalesisigatshana kuyoba ngumthwalo waso; futhi siyakuvuma ukuthi singene kule Nkontileka ngokukhululeka kanye nokuzikhethela nokuthi akukho zimo ezikhona noma ezike zaba khona ezenza ukuba agomele manje noma ngasiphi isikhathi esikhathini esizayo ukuthi sabe sisesimweni esisicindezelayo ukuba sivumele izithiyo ezibekwe kulesisigatshana noma sabe singekho esimweni esilinganayo sokubonisana noMqashi ekuvumeleni lezo zithiyo.
Ukukhushulwa komholo kuyomiselwa ensebenzweni yesiSebenzi. Insebenzo iyohlolwa ngokuhambisana nezibopho kanye nezindawo zensebenzo ezisemqoka eziqukethwe esivumelwaneni sensebenzo kanye nasekutheni isiSebenzi sihambisane kangakanani nazo, kanjalo nanoma yiyiphi imiyalelo uNgqongqoshe weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha angayikhipha. Ukukhushulwa kwamaholo esiSebenzi kuyomiselwa ekubonisaneni nomuntu. Isisebenzi kanye noMqashi banesibopho sokubonisana mayelana nokukhushulwa komholo kanye nebhonasi yemali ngaphakathi kwezithiyo zesabelo zimali esimiselwe ensebenzweni yesiSebenzi. Ukukhushulwa komholo nebhonasi yemali yesiSebenzi kuyomiselwa ezinqumeni, imiyalelo kanye nemikhombandlela ekhishwe nguNgqongqoshe weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha.
Isivumelwano saminyaka yonke sensebenzo esicetshwe ngokwezimiselo zesigatshana-5.1 ngenhla nesihlanganiswe nonyaka wezimali othizeni, nesichaza ngokusobala izindawo zensebenzo, imimo yezinqumo, okufanele kwenzeke eMnyangweni kanye nesiSebenzi kufanele kungenwe kuso ngesikhathi sokusebenza kwaleNkontileka. Njengoba izivumelwano zensebenzo zihlanganiswe nonyaka wezimali, kufanele kungenwe kuso ungakashayi umhla ka- 30 Apreli minyaka yonke yaleNkontileka. IsiSebenzi kufanele singene esivumelwaneni sensebenzo saso sokuqala zingakapheli izinyanga ezintathu ngemva kokuqala umsebenzi. Ngokwezimiselo zeziQondiso zeNkonzo yezisebenzi zikaHulumeni -VII B.2, uMqashi uyoqopha ukunikezelwa kwamandla kanye/noma amagunya esivumelwaneni sensebenzo.
Isivumelwano sensebenzo siyobuyekezwa uma, noma ngasiphi isikhathi ngesikhathi sokuphatha, umsebenzi noma isimo soMnyango (uphiko, ihhovisi lomqondisi, igatsha, ingxenye) sishintshwa ngangokuthi (noma ngesizathu sesinqumo sikaHulumeni noma abaphathi noma ngokunye) okuqukethwe yiso akusafanelekile.
Le nkontileka ihlangene ncimishi nesivumelwano sensebenzo esicetshwe ku-5.1 ngenhla. Uma isiSebenzi singasebenzi ngokugculisayo mayelana nezidingo zesivumelwano saso sensebenzo, isiSebenzi siyakuvumela ukuthi uMqashi angathatha izinyathelo ngokuhambisana nendlela equkethwe ngumthetho ofanele wezizisebenzi kanye nanoma yimuphi umyalelo okhishwe nguNgqongqoshe.
Nanoma yimiphi eminye imisebenzi.
Ekumiselweni kwale Nkontileka, izinhlangothi ziyazibophezela ekuziphatheni kahle futhi zethembisa ukuthi ekusebenzisaneni kwazo, aziyukwenza futhi angeke zingenzi okuthile okungalimaza noma kwephule amalungelo, impahla noma iminako yomunye phakathi kwabo.
Noma yiziphi izindaba eziqubuka kulenkontileka, nezingamiselwe ngqo khona lapha, kuyobhekanwa nazo ngokuhambisana nemibandela yoMthetho, njengoba uchitshiyelwe, iziQondiso esezishiwo kanye neminye imithetho yezisebenzi.
Ukuhumushwa kwale Nkontileka kuyolawulwa yimithetho kanye nemigomo esebenza eRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika.
Isisebenzi siyazinikela emandleni eziNkantolo zeRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika uma kuba khona ukuyisana emthethweni okuqutshulwa yizimiselo zale Nkontileka.
Akuyukuba ngukwaphula iNkontileka uma olunye uhlangothi kuleNkontileka luvinjelwa noma linqindwa ekusebenzeni noma ekubhekeleleni izibopho zalo ezilapha ngokoMthetho wePhalamende noma okunye ukwenza koMbuso noma ngasiphi isizathu noma isigameko esingekho emandleni alelo thimba.
INkontileka iyikho konke okuyisivumelwano phakathi kwezinhlangothi ezisayinda leNkontileka, mayelana nodaba lwaleNkontileka, ngaphandle kwalokho okubekiwe, akukho sichibiyelo, luguquko, sengezo noma kwehluka kwanoma yiliphi ilungelo, isivumelwano noma isimiselo kule Nkontileka esiyoba namandla noma nagunya ngaphandle kokuba kubhalwe phansi futhi kwasayindwa yizinhlangothi zombili zaNkontileka.
Izinhlangothi zombili ziyavuma ukuthi akukho zimiselo, zethembiso noma zikhalazo, noma kwenziwe ngomlomo noma okubhaliwe futhi okushiwo noma okugudliselwe noma okunye, ngaphandle kwalokho okuqukethwe kule Nkontileka, eMthethweni, eziQondisweni kanye neminye imithetho efaneleyo (ngokwesibonelo uMthetho wesiKhwama seziMpesheni zeziSebenzi zikaHulumeni).
Akukho kudedelwa kwanoma yiziphi izivumelwano nezimiselo zaleNkontileka okuyobophezela nganoma yisiphi isizathu ngaphandle kokuba kwenziwe ngokubhalwa futhi kwasayindwa nguhlangothi olunikezela lokho kudedela kanti noma ngabe yikuphi ukudedela kuyosebenza kuphela ezimweni ezithizeni nangezizathu ezinikiwe. Akukho kwehluleka noma ukubambezela kwanoma yiluphi uhlangothi ekusebenziseni ilungelo, amandla noma igunya okuyovimbela noma yikuphi okunye noma ukuqhubeka nokusebenzisa lokho noma ukusebenzisa noma yiliphi ilungelo, amandla noma igunya.
Inombolo yefeksi kuya ngokuthi uhlangothi lubika noma yiluphi uguquko ekhelini lalo kwelinye ikheli lokuhlala, eleposi noma Inombolo yefeksi ngesaziso esibhaliwe kwelinye uhlangothi.
ziyokwenziwa ngokubhalwa; futhi ziyokwethulwa siqu noma zithunyelwe ngeposi elikhokhelwe labhaliswa; futhi uma zethulwe siqu, zithathwe ngokuthi zitholakale ngelanga lokwethulwa kwazo; noma uma zithunyelwe ngeposi elikhokhelwe larejistwa, zithathwe ngokuthi zitholakale ezinsukwini ezintathu zokusebenza emva kokuposwa ngaphandle uma kungenjalo futhi kunesiqinisekiso; noma uma zithunyelwe ngefeksi, zithathwe ngokuthi zitholakele osukwini lokuqala lokusebenza osukwini olulandela ukuthunyelwa kwefeksi ngaphandle uma kungenjalo futhi kunesiqinisekiso.
ISAYINWE nguMqashi e osukwini luka... lwenyanga u...
ISAYINWE yisiSebenzi e osukwini luka ...lwenyanga u...
UHulumeni weRiphabhuliki yaseNingimu Afrika, lapha omelelwe ngu (igama eliphelele lesikhulu esiphethe noma ummeleli waso) ngokwesikhundla sokuba ngu...
no igama eliphelele njengelungu le-SMS ngokwesikhundla sokuba yisho isikhundla lapha osubizwa ngesiSebenzi.
UMqashi lapha uqasha isiSebenzi, esivumayo futhi samukele ukuqashwa njengelungu le-SMS ngokwezimiselo zesigaba- 9 soMthetho weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni ka 1994 (lapha obizwa ngoMthetho) kusukela ngosuku lomhla ka Ukuqashwa kwesiSebenzi kanye nezimiselo zenkonzo yokusebenza ziyolawulwa nguMthetho, iziQondiso zeNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni zika-2001 (lapha ezibizwa ngeziQondiso) kanye nanoma yiziphi izimiselo zomthetho ezifanelekile esiSebenzini.
isikhathi sokusebenza ngokuvivinywa esiyizinyanga eziyishumi nambili ngaphandle uma isiSebenzi siqashwe isikhathi esingedluli ezinyangeni eziyishumi nambili ngaphansi kwesigaba -13 soMthetho; kanye nokuletha kwesiSisebenzi izitifiketi zangokoqobo zamakhwalifikheshini aso emfundo kanye nawezobunyoninco, izitifiketi zokusebenza kanye nesiqinisekiso sokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika.
isiSebenzi kungenzeka ukuba kudingeke senze eminye imisebenzi noma sisebenze kwezinye izindawo ezingalayelwa ngokunesizathu nguMqashi; futhi noma yiziphi izindaba eziqubuka kulenkontileka, nezingamiselwe ngqo khona lapha, kuyobhekanwa nazo ngokuhambisana nemibandela yoMthetho, iziQondiso kanye nanoma yimiphi eminye imibandela yomthetho ephathelene nesiSebenzi.
Inkokhelo eyotholwa yisiSebenzi kusukela ngelanga lokuqala umsebenzi njengoba kushiwo kumshwana -1 ngaphezulu, yileyo echazwe kwiSengezo A.
Umholo kanye nezinzuzo kuyokhokhwa ngeziqephu ezilinganayo njalo ngenyanga, izinyanga eziyishumi nambili.
Izimiselo ezejwayelekile zokusebenza kanye nezinzuzo ezichazwe kwiSengezo- A, ziyolayezelwa futhi zihlinzekelwe ngokuhambisana noMthetho kanye neziQondiso. Izinhlangothi zombili ezithintekayo kuleNkontileka ziyakwemukela ukuthi izimiselo ezejwayelekile nokusebenza kanye nezinzuzo ezikwi Sengezo A kungenzeka zishintshwe ngazikhathi ngezinqumo kanye nemiyalelo kaNgqongqoshe weNkonzo yizisebenzi bakaHulumeni kanye nezokuPhatha.
Uma kudingeka ukuba senze imisebenzi esemthethweni kude nekomkhulu laso, iSisebenzi siyohamba ngezindleko zoMqashi futhi siyokhokhelwa inkokhelo yokuziphilisa ngokuhambisana nezimiselo ezimisiwe.
Ekuphothuleni isikhathi sokusebenza esibekiwe noma isikhathi eseluliwe sokuphatha.
siyonikezelwa ngokubhaliwe; futhi siyonikezelwa osukwini noma ngaphambi kosuku logcina enyangeni siqale ukusebenza osukwini lokuqala lwenyanga elandelayo.
Uma isaziso sokunqamula sinikezelwe njengoba kucetshwe esigatshaneni 3.3, uMqashi unelungelo lokucela isiSebenzi ukuba siphume ehhovisi esihleli kulo futhi siphume nasemagcekeni oMnyango ngaphambi kokuphela kwesikhathi sesaziso ngosuku olubekwe nguMqashi futhi singabe siseza emsebenzini noma yinini emva kwalokho.
Uma uMqashi esebenzisa izimiselo zesigatshana -3.4 isiSebenzi siyobe sisenalo ilungelo kuzozonke izinzuzo njengoba ziqukethwe emitheshwaneni emiselwe.
Esimweni sokusebenza ngokungagculisi noma ukungaziphathi ngendlela, uMqashi angathatha izinyathelo ngokuhambisana nomthetho ofanele wezisebenzi kanyed nanoma yimuphi umyalelo okhishwe nguNgqongqoshe.
a letha kuMqashi, uma sicelwa nguMqashi ngesikhathi sokuqashwa kwaso noma ekunqanyulweni kokuqashwa kwaso, nanoma yiliphi irekhodi elichaziwe futhi elisezandleni zesisebenzi ngenxa yokuqashwa kwaso; futhi b asiyukugcina nanoma yimaphi amakhophi noma okucashunwe kulawo marekhodi, ngaphandle-ke uma kuvume uMqashi; futhi siyohambisana noMgomo wokuziPhatha omiselwe.
siyavumelana nokuthi lesisigatshana, uma kubhekwa zonke izimo ezifanelekile, siphusile futhi sidingekile ukuze kuvikelwe ngokuyikho inhlalakahle yoMqashi kanye noHulumeni weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika nokuthi uma singake siphikisane nokuphusa kwalesisigatshana noma ngasiphi isikhathi, isibopho sokufakazela ukungaphusi kwalesisigatshana kuyoba ngumthwalo waso; futhi siyakuvuma ukuthi singene kule Nkontileka ngokukhululeka kanye nokuzikhethela nokuthi akukho zimo ezikhona noma ezike zaba khona ezenza ukuba agomele manje noma ngasiphi isikhathi esikhathini esizayo ukuthi sabe sisesimweni esisicindezelayo ukuba sivumele izithiyo ezibekwe kulesi sigatshana noma sabe singekho esimweni esilinganayo sokubonisana noMqashi ekuvumeleni lezo zithiyo.
Ukukhushulwa komholo kuyomiselwa ensebenzweni yesiSebenzi. Insebenzo iyohlolwa ngokuhambisana nezibopho kanye nezindawo zensebenzo ezisemqoka eziqukethwe esivumelwaneni sensebenzo kanye nasekutheni isiSebenzi sihambisane kangakanani nazo, kanjalo nanoma yiyiphi imiyalelo uNgqongqoshe weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha angayikhipha. Ukukhushulwa kwamaholo esiSebenzi kuyomiselwa ekubonisaneni nomuntu. Isisebenzi kanye noMqashi banesibopho sokubonisana mayelana nokukhushulwa komholo kanye nebhonasi yemali ngaphakathi kwezithiyo zesabelo zimali esimiselwe ensebenzweni yesiSebenzi. Ukukhushulwa komholo nebhonasi yemali yesiSebenzi kuyomiselwa ezinqumeni, imiyalelo kanye nemikhombandlela ekhishwe nguNgqongqoshe weNkonzo yeziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha.
Isivumelwano saminyaka yonke sensebenzo esicetshwe ngokwezimiselo zesigatshana- 5.1 ngenhla nesihlanganiswe nonyaka wezimali othizeni, nesichaza ngokusobala izindawo zensebenzo, imimo yezinqumo, okufanele kwenzeke eMnyangweni kanye nesiSebenzi kufanele kungenwe kuso ngesikhathi sokusebenza kwaleNkontileka. Njengoba izivumelwano zensebenzo zihlanganiswe nonyaka wezimali, kufanele kungenwe kuso ungakashayi umhla ka-30 Ephreli minyaka yonke yaleNkontileka. Isisebenzi kufanele singene esivumelwaneni sensebenzo saso sokuqala zingakapheli izinyanga ezintathu ngemva kokuqala umsebenzi.
Isivumelwano sensebenzo siyobuyekezwa uma, noma ngasiphi isikhathi ngesikhathi sokuphatha, umsebenzi noma isimo soMnyango (uphiko, ihhovisi lomqondisi, igatsha, ingxenye) sishintshwa ngangokuthi (noma ngesizathu sesinqumo sikaHulumeni noma abaphathi noma ngokunye) okuqukethwe yiso akusafanelekile.
Le nkontileka ihlangene ncimishi nesivumelwano sensebenzo esicetshwe ku-5.1 ngenhla. Uma isiSebenzi singasebenzi ngokugculisayo mayelana nezidingo zesivumelwano saso sensebenzo, isiSebenzi siyakuvumela ukuthi uMqashi angamthathela izinyathelo ngokuhambisana nendlela equkethwe ngumthetho ofanele wezizisebenzi kanye nanoma yimuphi umyalelo okhishwe nguNgqongqoshe.
Nanoma yimiphi eminye imisebenzi.
Ekumiselweni kwale Nkontileka, izinhlangothi zombi ziyazibophezela ekuziphatheni kahle futhi zethembisa ukuthi ekusebenzisaneni kwazo, aziyukwenza futhi angeke zingenzi okuthile okungalimaza noma kwephule amalungelo, impahla noma iminako yomunye phakathi kwabo.
Noma yiziphi izindaba eziqubuka kule Nkontileka, nezingamiselwe ngqo khona lapha, kuyobhekanwa nazo ngokuhambisana nemibandela yoMthetho, njengoba uchitshiyelwe, iziQondiso iziQondiso esezishiwo kanye neminye imithetho yezisebenzi.
Ukuhumushwa kwale Nkontileka kuyolawulwa yimithetho kanye nemigomo esebenza eRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika.
Isisebenzi siyazinikela emandleni eziNkantolo zeRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika uma kuba khona ukuyisana emthethweni okuqutshulwa yizimiselo zale Nkontileka.
Akuyukuba ngukwaphula iNkontileka uma olunye uhlangothi olusayinda le Nkontileka livinjelwa noma linqindwa ekusebenzeni noma ekubhekeleleni izibopho zalo ezilapha ngokoMthetho wePhalamende noma okunye ukwenza koMbuso noma ngasiphi isizathu noma isigameko esingekho emandleni alelo thimba.
INkontileka iyikho konke okuyisivumelwano phakathi kwezinhlangothi ezisayinda leNkontileka, mayelana nodaba lwaleNkontileka, ngaphandle kwalokho okubekiwe, akukho sichibiyelo, luguquko, sengezo noma kwehluka kwanoma yiliphi ilungelo, isivumelwano noma isimiselo kule Nkontileka esiyoba namandla noma nagunya ngaphandle kokuba kubhalwe phansi futhi kwasayindwa yizinhlangothi zombili zaNkontileka.
Izinhlangothi zombili ziyavuma ukuthi akukho zimiselo, zethembiso noma zikhalazo, noma kwenziwe ngomlomo noma okubhaliwe futhi okushiwo noma okugudliselwe noma okunye, ngaphandle kwalokho okuqukethwe kuleNkontileka, eMthethweni, eziQondisweni kanye neminye imithetho efaneleyo (ngokwesibonelo uMthetho wesiKhwama seziMpesheni zeziSebenzi zikaHulumeni).
Akukho kudedelwa kwanoma yiziphi izivumelwano nezimiselo zale Nkontileka okuyobophezela nganoma yisiphi isizathu ngaphandle kokuba kwenziwe ngokubhalwa futhi kwasayindwa nguhlangothi olunikezela lokho kudedela kanti noma ngabe yikuphi ukudedela kuyosebenza kuphela ezimweni ezithizeni nangezizathu ezinikiwe. Akukho kwehluleka noma ukubambezela kwanoma yiluphi uhlangothi ekusebenziseni ilungelo, amandla noma igunya okuyovimbela noma yikuphi okunye noma ukuqhubeka nokusebenzisa lokho noma ukusebenzisa noma yiliphi ilungelo, amandla noma igunya.
Inombolo yefeksi kuya ngokuthi uhlangothi lubika noma yiluphi uguquko ekhelini lalo kwelinye ikheli lokuhlala, eleposi noma Inombolo yefeksi ngesaziso esibhaliwe kwelinye uhlangothi.
Zonke izaziso eziyonikezelwa ngokwezimiselo zale Nkontileka ziyokwenziwa ngokubhalwa; futhi ziyokwethulwa siqu noma zithunyelwe ngeposi elikhokhelwe labhaliswa; futhi uma zethulwe siqu, zithathwe ngokuthi zitholakale ngelanga lokwethulwa kwazo; noma uma zithunyelwe ngeposi elikhokhelwe labhaliswa, lithathwe ngokuthi zitholakale ezinsukwini ezintathu zokusebenz emva kokuposwa ngaphandle uma kungenjalo futhi kunesiqinisekiso; noma uma zithunyelwe ngefeksi, zithathwe ngokuthi zitholakele osukwini lokuqala lokusebenza osukwini olulandela ukuthunyelwa kwefeksi ngaphandle uma kungenjalo futhi kunesiqinisekiso.
ISAYINWE nguMqashi e sukwini luka... lwenyanga u...
ISAYINWE yisiSebenzi e osukwini luka ... lwenyanga u...
a umholo ongumongo ongamarandi angu-Rnobalwa njengephesenti elingu...
Ubulungu besiKhwama seMpesheni seziSebenzi zikaHulumeni kuphoqelekile. Izinga lokunikelela kwesiSebenzi kanye noMqashi kuyomiselelwa.
Isisebenzi siyosebenza ngokwethembeka nangokuzimisela amahora angengaphansi kwesishiyagalombili ngosuku futhi siyolandela amahora okusebenza omnyango.
Ezinye izimiselo zokusebenza zinjengoba zichazwe encwadini yokusebenza kwiSMS.
